Okuphakathi
ISONTO LIKAFEBHUWARI 4-10, 2019
AmaKristu eqiniso ayakulangazelela ukuphila ePharadesi. Lesi sihloko sibonisa ukuthi kungani siqiniseka ngaleli themba elisekelwe eBhayibhelini nendlela okumelwe sisiqonde ngayo isithembiso esimayelana nePharadesi esashiwo uJesu.
ISONTO LIKAFEBHUWARI 11-17, 2019
10 Hlonipha “Lokho UNkulunkulu Akuhlanganisile”
Lesi sihloko sikhuluma ngalokho okushiwo yiBhayibheli ngomshado ohloniphekile. Singabonisa kanjani ukuthi siyawuhlonipha umshado? Singakuhlonipha kanjani lokho okushiwo yiBhayibheli ngedivosi nokuhlala ngokwahlukana?
15 Indaba Yokuphila—“UJehova Wenze Ngokufanele” Kithi
ISONTO LIKAFEBHUWARI 18-24, 2019
19 Basha, UMdali Wenu Ufuna Nijabule
ISONTO LIKAFEBHUWARI 25, 2019–MASHI 3, 2019
24 Basha, Ningakuthola Ukwaneliseka Ekuphileni
Ngokuvamile intsha kudingeka yenze izinqumo ezinkulu, njengokuthi izibekela miphi imigomo. Abantu bangase babakhuthaze ukuba bathole imfundo ephakeme noma umsebenzi okhokhela kahle. Nokho, uJehova ukhuthaza intsha ukuba ibeke yena kuqala ekuphileni. Lezi zihloko zizobonisa ukuthi kuwukuhlakanipha ukulalela uNkulunkulu.