Okuphakathi
ISONTO LIKA-JUNI 4-10, 2018
3 Indlela Yokuthola Inkululeko Yangempela
ISONTO LIKA-JUNI 11-17, 2018
8 Khonza UJehova, UNkulunkulu Wenkululeko
Abantu kuwo wonke umhlaba bafuna inkululeko eyengeziwe. AmaKristu kufanele ayibheke kanjani inkululeko? Lezi zihloko ezimbili zizodingida lokho inkululeko yangempela eyikho, indlela yokuyithola nendlela yokusebenzisa inkululeko esinayo manje ukuze kuzuze thina nabanye. Ngaphezu kwalokho, sizofunda indlela yokudumisa uJehova, uNkulunkulu wenkululeko yeqiniso.
13 Madoda Amisiwe—Fundani KuThimothewu
ISONTO LIKA-JUNI 18-24, 2018
15 Ukulingisa UJehova—UNkulunkulu Onikeza Isikhuthazo
ISONTO LIKA-JUNI 25, 2018–JULAYI 1, 2018
20 Khuthazanani “Ikakhulu Njengoba Nibona Usuku Lusondela”
Lezi zihloko zibonisa ukuthi uJehova ubelokhu ekhuthaza izinceku zakhe nokuthi bezilokhu zilandela isibonelo sakhe kusukela endulo. Sizobona ukuthi kungani kuphuthuma kunanini ngaphambili ukukhuthazana.
ISONTO LIKA-JULAYI 2-8, 2018
25 Basha Zibekeleni Imigomo Ezonisondeza KuNkulunkulu
Intsha ebandleni izizuzisa yona ngokugxila ekujabuliseni uJehova. Lezi zihloko zisinika izizathu zokuzibekela imigomo engokomoya sisebasha nokugxila kakhulu enkonzweni yasensimini.