Okuphakathi
ISONTO LIKA-EPHRELI 30, 2018–MEYI 6, 2018
3 Ukuze Sibe AmaKristu Kumelwe Sibhapathizwe
ISONTO LIKA-MEYI 7-13, 2018
8 Bazali, Niyazisiza Yini Izingane Zenu Ukuba Zibhapathizwe?
Kufanele ube yini umgomo wethu lapho siqhuba isifundo seBhayibheli? Kungani kungaba yiphutha ukuhlehlisa ukubhapathizwa komuntu? Yini eye yabangela abanye abazali abangamaKristu ukuba bakhuthaze izingane zabo ukuba zihlehlise ukubhapathizwa? Le mibuzo neminye izophendulwa kulezi zihloko ezimbili.
ISONTO LIKA-MEYI 14-20, 2018
14 Siyakudinga Ukungenisa Izihambi
Umphostoli uPetru wakhuthaza amaKristu ngekhulu lokuqala: “Ngenisanani.” (1 Pet. 4:9) Kungani kudingeka kangaka lokhu namuhla? Yiziphi ezinye zezindlela ezingokoqobo zokukwenza lokhu? Yini esingayenza ukuze siziphathe kahle lapho simenyiwe? Le mibuzo izophendulwa kulesi sihloko.
19 Indaba Yokuphila—UJehova Akakaze Angidumaze!
ISONTO LIKA-MEYI 21-27, 2018
23 Isiyalo Siwubufakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasithanda
ISONTO LIKA-MEYI 28, 2018–JUNI 3, 2018
28 “Lalelani Isiyalo Nihlakaniphe”
Lezi zihloko ezimbili zizosisiza sikwazise kakhulu ukujula kwendlela uNkulunkulu asithanda ngayo, ebonakala esiyalweni asinika sona njengoBaba wethu. Nokho, uNkulunkulu usiyala kanjani? Kufanele sisabele kanjani esiyalweni sakhe? Singakuhlakulela kanjani ukuzikhuza? Thola izimpendulo kulezi zihloko.