Okuphakathi
ISONTO LIKA-DISEMBA 25-31, 2017
Kubantu bakaJehova, ukucula bekulokhu kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kweqiniso. Nokho, kwabanye kungase kube nzima ukucula phambi kwabantu. Singakunqoba kanjani ukwesaba ukusebenzisa amaphimbo ethu ukuze sicule izingoma zokudumisa uJehova? Lesi sihloko sisinika izizathu zokucula ngenjabulo, sisinike namacebiso angasisiza sithuthukise indlela esicula ngayo.
ISONTO LIKA-JANUWARI 1-7, 2018
ISONTO LIKA-JANUWARI 8-14, 2018
13 Lingisa Ubulungisa Nesihe SikaJehova
Singafunda izifundo eziwusizo elungiselelweni lemizi yesiphephelo yakwa-Israyeli wasendulo. Esihlokweni sokuqala funa izindlela izoni ezingaphephela ngayo kuJehova namuhla. Esihlokweni sesibili, bheka indlela isibonelo sikaJehova esisisiza ngayo sithethelele abanye, sihloniphe ukuphila futhi sibe nobulungisa.
ISONTO LIKA-JANUWARI 15-21, 2018
ISONTO LIKA-JANUWARI 22-28, 2018
25 Ungavumeli Lutho Lukulahlekisele Ngomklomelo
Lezi zihloko zisekelwe eselulekweni sikaPawulu esibhalelwe amaKristu aseKolose. Isihloko sokuqala sichaza lokho okumelwe sikwenze lapho sizwa imibono yezwe engase izwakale ithandeka. Isihloko sesibili sisikhumbuza ngokugwema indlela yokucabanga engasenza silahlekelwe yizibusiso uJehova asithembise zona.