OKUPHAKATHI
ISONTO LIKA-OKTHOBA 23-29, 2017
UJehova uyisibonelo esivelele sokuzithiba. Abantu bangamlingisa kanjani ekuboniseni le mfanelo? Yiziphi izinto esingazenza ngokoqobo ezingasisiza sizithibe?
ISONTO LIKA-OKTHOBA 30, 2017–NOVEMBA 5, 2017
Kusho ukuthini ukuba nomusa? UJehova noJesu basibekele izibonelo eziphelele zokubonisa le mfanelo. Singazilingisa kanjani izibonelo zabo? Yimiphi imiphumela emihle esingayithola ngokwenza lokho?
13 INDABA YOKUPHILA Ngabusiswa Ngokusebenza Namadoda Athanda UNkulunkulu
ISONTO LIKA-NOVEMBA 6-12, 2017
18 IZwi LikaNkulunkulu Wethu Liyokuma Phakade
ISONTO LIKA-NOVEMBA 13-19, 2017
23 “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”
Kungani kuyinto ephawulekayo ukutholakala kweBhayibheli ngezilimi eziningi? Singakubonisa kanjani ukubonga ngokuba neZwi likaNkulunkulu ngolimi esikwazi ukuluqonda? Lezi zihloko zizojulisa indlela esilazisa ngayo iBhayibheli noMlobi walo.
ISONTO LIKA-NOVEMBA 20-26, 2017
28 “Yiba Nesibindi . . . Futhi Uthathe Isinyathelo”
Kusemqoka ukuba amaKristu abe nesibindi. Singazuza kanjani esibonelweni salabo ababonisa le mfanelo esikhathini esidlule? Abasebasha, abazali, odade asebekhulile nabazalwane ababhapathiziwe bangabonisa kanjani ukuthi banesibindi futhi bakulungele ukwenza imisebenzi emihle?