Uhlu Lokuphakathi
ISONTO LIKA-FEBRUARY 27, 2017–MARCH 5, 2017
7 “Thembela KuJehova Wenze Okuhle”
Lesi sihloko sichaza indlela isihloko sethu sonyaka sika-2017 esisikhuthaza ngayo ukuba sifune usizo kuJehova lapho sibhekene nezinselele. Sisebenzisa izibonelo zabantu abathembekile basendulo, sizohlola indlela esingathembela ngayo kuJehova ukuba asisekele kuyilapho senza noma yini esingayenza ukuze silungise izinkinga futhi sisize abanye.
ISONTO LIKA-MARCH 6-12, 2017
12 Sazise Isipho Sakho Senkululeko Yokuzikhethela
Kulesi sihloko, sizofunda ngendlela esingasazisa ngayo isipho sikaNkulunkulu senkululeko yokuzikhethela ngokusisebenzisa ngendlela ejabulisa uMuphi waleso sipho. Sizosisiza sibone nendlela esingahlonipha ngayo ilungelo labanye lokusebenzisa isipho sabo senkululeko yokuzikhethela.
ISONTO LIKA-MARCH 13-19, 2017
17 Okwenza Isizotha Sibaluleke Nanamuhla
ISONTO LIKA-MARCH 20-26, 2017
22 Ungahlala Unesizotha Ngaphansi Kovivinyo
Lezi zihloko zizosisiza siyiqonde kangcono imfanelo efiselekayo yesizotha. Isihloko sokuqala sichaza lokho isizotha esiyikho nalokho esingeyikho. Isihloko sesibili sisifundisa indlela esingahlala ngayo sinesizotha ngisho nalapho sivivinywa.
ISONTO LIKA-MARCH 27, 2017–APRIL 2, 2017
27 “Lezi Zinto Ziphathise Amadoda Athembekile”
Njengoba izizukulwane zisina zidedelana, abasebasha baqala ukwenza imisebenzi ebiyenziwa asebekhulile. Lesi sihloko sichaza indlela abasebasha nasebekhulile abangabambisana ngayo ngokuphumelelayo.