Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 4 k. 13
  • Isiqinisekiso Esivela Ohlamvwini Oluncane LwesiHebheru

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiqinisekiso Esivela Ohlamvwini Oluncane LwesiHebheru
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuloba Izincwadi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 4 k. 13
Izinhlamvu zesiHebheru ezine ezimelela igama likaNkulunkulu, uhlamvu oluncane kunazo zonke lubhalwe ngokubomvu

Izinhlamvu zesiHebheru ezine ezimelela igama likaNkulunkulu elingcwele elithi Jehova, uma uzifunda uqala kwesokudla uye kwesobunxele

Isiqinisekiso Esivela Ohlamvwini Oluncane LwesiHebheru

Singaqiniseka kanjani ukuthi zonke izithembiso zikaNkulunkulu zizogcwaliseka? UJesu wayeqiniseka futhi lokho akufundisa kwenza ababemlalele baba nokholo. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni ebhalwe kuMathewu 5:18, uJesu wenza lesi sibonelo: “Ngiqinisile ngithi kini izulu nomhlaba kungadlula ngokushesha kunokuba kusuke nganoma iyiphi indlela uhlamvu oluncane kunazo zonke noma intwanyana eyodwa yohlamvu eMthethweni zingenzekanga zonke izinto.”

Uhlamvu oluncane kunazo zonke lwesiHebheru u-י (yod), luwuhlamvu lokuqala ezinhlamvini ezine zesiHebheru ezakha igama likaNkulunkulu elithi Jehova.a Ngaphezu nje kokunaka amagama omthetho kaNkulunkulu, ababhali nabaFarisi babebheka ‘uhlamvu’ ngalunye njengolubalulekile.

UJesu wayethi amazulu nomhlaba ayengamane ashabalale kunokuba kube khona into encane eshiwo uMthetho engafezeki. ImiBhalo iyasiqinisekisa ukuthi amazulu nomhlaba kuyohlala phakade. (IHubo 78:69) Ngakho lokhu kubonisa ukuthi konke okushiwo uMthetho kuyogcwaliseka.

UJehova unendaba yini nemininingwane emncane? Impela. Ama-Israyeli atshelwa ukuthi lapho ehlaba iwundlu lephasika kwakungafanele aphule nelilodwa ithambo kulo. (Eksodusi 12:46) Kwakungabonakala kuyinto engabalulekile leyo. Ayazi yini ukuthi kungani kungafanele aphule amathambo ewundlu? Mhlawumbe ayengazi. Kodwa uJehova wayazi ukuthi lokho ayekwenza kwakumelela okwakuzokwenzeka kuMesiya, alikho ithambo lakhe elalizophulwa lapho ebulawa esigxotsheni.—IHubo 34:20; Johane 19:31-33, 36.

Amazwi kaJesu asifundisani? Singaqiniseka ngokuthi zonke izithembiso zikaJehova uNkulunkulu zizofezeka, ngisho nemininingwane emncane yazo. Lolu hlamvu lwesiHebheru oluncane kunazo zonke luyisiqinisekiso ngempela!

a Uhlamvu lwesiGreki oluncane kunazo zonke u-iota futhi lunencazelo efanayo nohlamvu lwesiHebheru u-י (yod). Cishe uJesu wayekhuluma ngezinhlamvu zesiHebheru ngoba ekuqaleni uMthetho kaMose wawubhalwe ngesiHebheru.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela