Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp17 No. 1 k. 3
  • Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Ongazuza Ngayo Ngokugcwele Ekufundeni IBhayibheli
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kuthakazelise?
    I-Phaphama!—2001
  • Funda Ngokuzimisela
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Kungani Kumelwe Ngifunde?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
wp17 No. 1 k. 3
Owesifazane uthatha iBhayibheli endaweni yezincwadi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUZUZA NGOKUGCWELE LAPHO UFUNDA IBHAYIBHELI

Kungani Kufanele Ufunde IBhayibheli?

“Ngangicabanga ukuthi kuyoba nzima kakhulu ukuqonda iBhayibheli.”—UJovy

“Nganginomuzwa wokuthi ngeke ngikujabulele ukulifunda.”—UQueennie

“Lapho ngilibuka ukuthi likhulu kangakanani, ngangivele ngingabe ngisafuna ukulifunda.”—U-Ezekiel

Wake wacabanga yini ukufunda iBhayibheli kodwa wayeka ngoba uzizwa njengalaba abaphawulwe ngenhla? Abaningi bayanqena ukufunda iBhayibheli. Kodwa ungathini uma ungezwa kuthiwa iBhayibheli lingakusiza ube nokuphila okujabulisa nakakhulu nokwanelisayo? Ungenzenjani uma ungathola ukuthi kunezindlela zokulifunda ezingakwenza ulijabulele ngokwengeziwe? Ubungazimisela yini ukubona ukuthi likuphatheleni?

Cabanga ngokumbalwa okwashiwo yilabo abalithola lizuzisa lapho beqala ukulifunda.

U-Ezekiel, osanda kweva eminyakeni engu-20, uthi: “Esikhathini esidlule, ngangifana nomuntu oshayela imoto kodwa engazi ukuthi uyaphi. Kodwa ukufunda iBhayibheli kuye kwangisiza ngaba nokuphila okunenjongo. Linezeluleko eziwusizo engingazisebenzisa nsuku zonke.”

U-Frieda, naye owevile eminyakeni engu-20, uyachaza: “Nganginenhliziyo encane. Kodwa ngenxa yokufunda iBhayibheli, ngafunda ukuzibamba. Lokhu kwenze kwaba lula ukuba abantu bangijwayele, ngakho manje senginabangane abaningi.”

Owesifazane owevile eminyakeni engu-50 okuthiwa u-Eunice uthi ngeBhayibheli, “Lingisiza ukuba ngibe umuntu ongcono, ngiyeke imikhuba yami emibi.”

Njengoba laba bafundi beBhayibheli kanye nabanye abayizigidi beye babona, ukufunda iBhayibheli kungakusiza ukuba uphile ukuphila okujabulisa nakakhulu. (Isaya 48:17, 18) Phakathi kwezinye izinto, lingakusiza ukuba (1) wenze izinqumo ezinhle, (2) ube nabangane bangempela, (3) ubhekane nokucindezeleka futhi (4) okuhle nakakhulu, ufunde iqiniso ngoNkulunkulu. Iseluleko seBhayibheli sivela kuNkulunkulu ngakho akunakwenzeka ukuba sikudukise. UNkulunkulu akalokothi anikeze iseluleko esibi.

Into ebalulekile ukuba uqale ukulifunda. Yimaphi amacebiso angakwenza kube lula futhi kujabulise ukuqala ukulifunda?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela