Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 11/1 k. 3
  • UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpi
    I-Phaphama!—2017
  • Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Impi Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Impi Yokuqeda Izimpi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indlela UNkulunkulu Ayebheka Ngayo Impi Ngekhulo Lokuqala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 11/1 k. 3
Amasosha, inqola yempi nezindiza ezithwele amabhomu

ISIHLOKO ESIYINHLOKO

UNkulunkulu Uyibheka Kanjani Impi?

Ungawuphendula kanjani lo mbuzo? Abantu abaningi bacabanga ukuthi uNkulunkulu uyazithanda izimpi. Bathi endulo wayala abanye babakhulekeli bakhe ukuba baye empini; iBhayibheli liyakufakazela lokho. Nokho, abanye bayaqaphela ukuthi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu, yafundisa abalandeli bayo ukuba bathande izitha zabo. (Mathewu 5:​43, 44) Ngakho, baphetha ngokuthi umbono kaNkulunkulu ngempi uye washintsha futhi namuhla akasayithandi impi.

Ucabangani? Ingabe uNkulunkulu uyazithanda izimpi? Uma kunjalo, yiluphi uhlangothi alusekelayo ezimpini zanamuhla? Ukuthola izimpendulo zale mibuzo kungawushintsha umbono wakho ngempi. Ngokwesibonelo, ukube bewazi ukuthi uNkulunkulu akagcini nje ngokuthanda impi kodwa uphinde asekele uhlangothi ongakulo, cishe bekuyokujabulisa lokho ngoba ngokuqinisekile uhlangothi olusekelayo beluyonqoba. Ngokuphambene nalokho, ubungazizwa kanjani uma uzwa ukuthi uNkulunkulu usekela uhlangothi enilwa nalo? Ngokuqinisekile ubungeke ufune ukumelana nohlangothi olusekelwa uNkulunkulu.

Le ndaba ihilela nokunye okubalulekile. Ukwazi umbono kaNkulunkulu ngempi kungayithinta indlela ombheka ngayo. Uma uphakathi kwezigidi zabantu eziye zahlukunyezwa yimpi, akungabazeki ukuthi uyakudinga ukwazi impendulo yalo mbuzo: Ingabe uNkulunkulu ungumthandi wempi ovumela noma ogqugquzela ukuhlupheka okubangelwa yimpi​—njengoba abaningi becabanga kanjalo​—noma kungenzeka yini ukuthi akanandaba nenhlalakahle yabacindezelwayo?

Kungakumangaza ukwazi ukuthi impendulo yeBhayibheli ihluke kakhulu kuleyo mibono. Eqinisweni kusukela endulo kuze kube manje, umbono kaNkulunkulu ngempi awukaze ushintshe. Ake sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngendlela uNkulunkulu ayebheka ngayo impi endulo nangekhulu lokuqala, ngesikhathi uJesu esemhlabeni. Lokho kuzosisiza sibone indlela uNkulunkulu abheka ngayo impi namuhla, sibone nokuthi iyoba khona yini esikhathini esizayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela