Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w15 8/1 kk. 7-8
  • Ithemba Ngabafileyo​—⁠Ungaqiniseka Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithemba Ngabafileyo​—⁠Ungaqiniseka Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ithemba Lovuko Liqinisekile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Uvuko​—Ithemba Eliqinisekisiwe!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Ithemba Lovuko Linamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
w15 8/1 kk. 7-8

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LAPHO UMUNTU EFA—INGABE ANGAPHINDE APHILE?

Ithemba Ngabafileyo—Ungaqiniseka Kanjani?

Ingabe kuwubuwula ukucabanga ukuthi abafile bangaphinde baphile? Umphostoli uPawulu wayengacabangi kanjalo. Ephefumulelwe wabhala la mazwi: “Uma siye sathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokudatshukelwa kakhulu kunabantu bonke. Nokho, uKristu uvusiwe kwabafileyo, ulibo lwalabo asebalala.” (1 Korinte 15:19, 20) UPawulu wayeqiniseka ngovuko. Empeleni ukuvuswa kukaJesu Kristu kwamenza waqiniseka ukuthi uvuko lukhona.a (IzEnzo 17:31) Yingakho uPawulu abiza uJesu ngokuthi “ulibo”—wayengowokuqala ukuvuselwa ekuphileni okungenakufa. Uma uJesu ayengowokuqala, kuyacaca ukuthi kwakusazovuswa nabanye.

Owesifazane uvule iBhayibheli, ubheke phambili ngokuqiniseka

UJobe wathi kuNkulunkulu: “Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.”—Jobe 14:14, 15

Nasi esinye isizathu esingakwenza uqiniseke ngethemba lovuko. UJehova unguNkulunkulu weqiniso. “UNkulunkulu ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) UJehova akakaze aqambe amanga futhi akasoze awaqamba. Ingabe angasithembisa uvuko, abonise nokuthi angabavusa abantu bese ekhetha ukungakwenzi lokho akuthembisile? Lokho akunakwenzeka!

Kungani uJehova ehlele ukuvusa abantu esikhathini esizayo? Kungenxa yothando lwakhe. UJobe wabuza: “Uma indoda enamandla ifa ingabuye iphile futhi? . . . Uyobiza, futhi mina ngiyokuphendula. Uyolangazelela umsebenzi wezandla zakho.” (Jobe 14:14, 15) UJobe wayeqiniseka ngokuthi uBaba wakhe osezulwini onothando wayekulangazelela ukumvusa. Ingabe uNkulunkulu useshintshile? “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) UNkulunkulu usakulangazelela ukubona abafileyo bevusiwe, beyimiqemane futhi bejabule. Lokhu kufana nalokho okungafiswa umzali onothando ngemva kokushonelwa ingane yakhe. Umehluko ukuthi uNkulunkulu unamandla okwenza lokho akufisayo.—IHubo 135:6.

Ukufa kuyinkinga enkulu, kodwa uNkulunkulu unekhambi eliyoxazulula le nkinga ngokuphelele

UJehova uyonika iNdodana yakhe amandla okuletha injabulo enkulu kulabo abaye balahlekelwa abathandekayo babo. UJesu uzizwa kanjani ngovuko? Ngaphambi kokuba avuse uLazaru, uJesu wabuzwa ubuhlungu obabuzwiwa odadewabo bakaLazaru nabangane bakhe futhi naye “wakhala izinyembezi.” (Johane 11:35) Kwesinye isenzakalo uJesu wahlangana nomfelokazi waseNayini owayeshonelwe indodana yakhe okuwukuphela kwayo. UJesu ‘wamhawukela, wathi kuye: “Yeka ukukhala.”’ Ngokushesha ngemva kwalokho wayivusa indodana yakhe. (Luka 7:13) Ngakho ukulila nokufa kumzwiswa ubuhlungu obukhulu uJesu. Yeka indlela ayojabula ngayo lapho enikeza abantu isizathu sokujabula esikhundleni sokulila!

Indoda yanga indodakazi yayo encane

Ingabe wake washonelwa? Ungase ube nomuzwa wokuthi alikho ikhambi lokufa. Kodwa likhona ikhambi—uNkulunkulu uyosebenzisa iNdodana yakhe ukuze ivuse abafileyo. Khumbula ukuthi uNkulunkulu ufuna ulibone leli khambi. Ufuna ube khona ukuze wamukele abathandekayo bakho abavusiwe. Zibone ngeso lengqondo nihlela ikusasa ndawonye futhi ningasayikuphinde nihlukane!

ULionel okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi ngafunda ngovuko. Ekuqaleni kwakunzima ukukholelwa ovukweni futhi ngangingamethembi umuntu owayengitshela ngalo. Kodwa ngazihlolela iBhayibheli futhi ngathola ukuthi lukhona ngempela! Ngikubheke ngabomvu ukuphinde ngihlangane nomkhulu wami.”

Ungathanda ukwazi okwengeziwe? OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukubonisa kwelakho iBhayibheli ukuthi kungani beqiniseka ngokuthi kuyoba novuko esikhathini esizayo.b

a Ukuze uthole ubufakazi bokuthi uJesu wavuswa, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? amakhasi 78-86, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

b Bheka isahluko 7 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela