Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 12/1 k. 16
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
    Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
  • Okunye Okungasiza Imindeni
    I-Phaphama!—2018
  • Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?
    Ingabe Ukuhlupheka Kuyoke Kuphele?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 12/1 k. 16

IZIMPENDULO ZEMIBUZO YEBHAYIBHELI

Izingane zingafunda kanjani ukuthanda uNkulunkulu?

Umzali ufundisa ingane yakhe esebenzisa izifundo esizithola endalweni

Sebenzisa izifundo esizithola endalweni ukuze usize ingane yakho yazi futhi ithande uNkulunkulu

Izingane zakho zingafunda ukuthanda uNkulunkulu kuphela uma zinobufakazi bokuthi ukhona nokuthi uyazithanda. Ukuze zithande uNkulunkulu kudingeka zimazi. (1 Johane 4:8) Ngokwesibonelo, kudingeka zazi ukuthi: Yayiyini injongo kaNkulunkulu yokudala abantu? Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka? Yini uNkulunkulu azoyenzela abantu esikhathini esizayo?—Funda eyabaseFilipi 1:9.

Ukuze usize izingane zakho zithande uNkulunkulu, kumelwe uzibonise ukuthi nawe uyamthanda. Lapho zibona lokho, cishe ziyolandela isibonelo sakho.—Funda uDuteronomi 6:5-7; IzAga 22:6.

Ungayifinyelela kanjani inhliziyo yezingane zakho?

IZwi likaNkulunkulu linamandla. (Hebheru 4:12) Ngakho siza izingane zakho zifunde izimfundiso zalo eziyisisekelo. Ukuze afinyelele izinhliziyo zabantu, uJesu wayebuza imibuzo, elalela futhi echaza imiBhalo. Ukuze ufinyelele inhliziyo yezingane zakho, lingisa indlela uJesu ayefundisa ngayo.—Funda uLuka 24:15-19, 27, 32.

Ngaphezu kwalokho, ukulandisa kweBhayibheli kwendlela uNkulunkulu ayesebenzelana ngayo nabantu kungasiza izingane ukuba zazi futhi zithande uNkulunkulu. Izincwadi eziklanyelwe le njongo ziyatholakala engosini ethi www.jw.org/zu.—Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe bheka isahluko 14 sale ncwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova

Ungayithola engosini ethi www.jw.org/zu, noma uthumele isicelo sokuthola le ncwadi mahhala ekhelini elifanele elisekhasini 2

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela