Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 12/1 k. 11
  • Liyini Iqiniso NgoKhisimusi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Liyini Iqiniso NgoKhisimusi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imvelaphi Kakhisimusi Wanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ingabe Kumelwe Ugubhe UKhisimusi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isizathu Sokuba UKhisimusi Ungabi OwamaKristu
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ukuphana Izipho ZikaKhisimusi Kunengqondo?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 12/1 k. 11

IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

Liyini iqiniso ngoKhisimusi?

Izigidi zabantu emhlabeni wonke zigubha uKhisimusi ngezizathu ezihlukahlukene. Abanye bajabulela lesi sikhathi samaholidi nomndeni nabangane. Abanye bacabanga ngoNkulunkulu noma banikele ngesikhathi sabo ukuze basize abampofu. Lezi zenzo ngokwazo zinhle. Nokho, zihlobene nezinto ezingelona iqiniso ngaleli holidi.

Okokuqala, abaningi abagubha uKhisimusi bakholelwa ukuthi uwukugujwa kosuku lokuzalwa kukaJesu. Nokho, izazi-mlando emhlabeni kabanzi zivumelana ngokuthi alwaziwa usuku lokuzalwa kukaJesu. Incwadi ethi Christian Book of Why ibonisa ukuthi “amaKristu okuqala enqaba ukubekela eceleni usuku uJesu azalwa ngalo” ngenxa yokuthi “ayefuna ukudeda kuyo yonke imikhuba yobuqaba.” Kuyathakazelisa ukuthi akukho lapho iBhayibheli libonisa khona ukuthi uJesu wake wagubha usuku lwakhe lokuzalwa noma elomunye umuntu. Ngokuphambene nalokho, wayala abalandeli bakhe ukuba bakhumbule ukufa kwakhe.—Luka 22:19.

Okwesibili, izazi zeBhayibheli eziningi ziyavuma ukuthi amasiko amaningi kaKhisimusi anomsuka wamasiko obuqaba hhayi obuKristu. La masiko ahlanganisa uSanta Claus, ukusetshenziswa komhlalanyoni nesihlahla sikaKhisimusi, ukuphana izipho, ukukhanyisa amakhandlela nokusebenzisa izingodo zesihlahla se-Yule, ukuhlobisa ngamagoda ezimbali nokudlala izingoma zikaKhisimusi. Ngokuphathelene neminye yale mikhosi, incwadi ethi The Externals of the Catholic Church ithi: “Lapho sipha abanye noma samukela izipho zikaKhisimusi, lapho sihlobisa ngamagoda aluhlaza ezimbali emakhaya ethu nasemasontweni, bangaki kithi abaziyo ukuthi kungenzeka ukuba senza amasiko obuqaba?”

“Lapho sipha abanye noma samukela izipho zikaKhisimusi, lapho sihlobisa ngamagoda aluhlaza ezimbali emakhaya ethu nasemasontweni, bangaki kithi abaziyo ukuthi kungenzeka ukuba senza amasiko obuqaba?”—I-The Externals of the Catholic Church

Nokho, mhlawumbe ungazibuza ukuthi yini engalungile ngokwenza la masiko abonakala emsulwa. Ake ucabange ngaleli phuzu lesithathu ukuze uthole impendulo. UNkulunkulu akafuni kuhlanganiswe amasiko obuqaba nokukhulekela okumsulwa. Ngomprofethi wakhe u-Amose, uJehova uNkulunkulu wathi kubakhulekeli baKhe abantamo-lukhuni bakwa-Israyeli wasendulo: “Ngiye ngayizonda, ngiye ngayala imikhosi yenu. . . Susani kimi inhlokomo yezingoma zenu.”—Amose 5:21, 23.

Kungani uNkulunkulu asebenzisa amazwi aqine kangaka? Cabanga ngalokho abantu bombuso wasenyakatho wakwa-Israyeli wasendulo ababekwenza. Inkosi yabo yokuqala, uJerobowamu, yabeka amathole egolide emizini yakwaDani naseBethel futhi yenza ukuba abantu bakhulekele wona esikhundleni sokukhulekela uJehova uNkulunkulu ngendlela efanele ethempelini eJerusalema. Le nkosi yabuye yamisa imikhosi futhi yabeka abapristi ukuze basize abantu bayigubhe.—1 AmaKhosi 12:26-33.

Lokho okwenziwa yilawo ma-Israyeli kwakubonakala kungekubi. Phela ayenza konke lokho egameni lokukhulekela uNkulunkulu nokumjabulisa. Amazwi kaNkulunkulu aqinile awakhuluma ngo-Amose nangabanye abaprofethi abonisa ngokucacile indlela uNkulunkulu ayezizwa ngayo ngaleyo mikhuba. Ngomprofethi uMalaki, uNkulunkulu wathi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) Lokho akusibonisi yini indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngemikhosi eminingi kaKhisimusi eyenziwa namuhla?

Ngemva kokucabanga ngala maqiniso angenhla, izigidi zabantu ziye zanquma ukungawugubhi uKhisimusi. Kunalokho, zithola injabulo nokwaneliseka kwangempela ekuchitheni isikhathi nomndeni nabangane nasekusizeni abampofu noma nini lapho zifisa ukwenza kanjalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela