Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 10/1 kk. 8-9
  • UMbuso KaNkulunkulu​—Uyokuzuzisa Kanjani Wena?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMbuso KaNkulunkulu​—Uyokuzuzisa Kanjani Wena?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMbuso KaNkulunkulu​—Okuwenza Ubaluleke KuJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • UMbuso KaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2013
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Khetha Ukusekela UMbuso KaNkulunkulu Manje!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 10/1 kk. 8-9
Abantu abashadile bafunda ngoMbuso kaNkulunkulu ngelungiselelo lesifundo seBhayibheli

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UMBUSO KANKULUNKULU​—UNGAKUZUZISA KANJANI?

UMBUSO KANKULUNKULU Uyokuzuzisa Kanjani Wena?

Cishe izihloko ezisekuqaleni zikwenze wabona ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu koFakazi BakaJehova. Mhlawumbe ufuna ukwazi okwengeziwe ngezinye zezibusiso okukhulunywe ngazo eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu esikhathini esizayo. Ngesikhathi esifanayo kungenzeka uyazibuza ukuthi lezi zithembiso ziyiqiniso yini.

Wenza ngokuhlakanipha uma uqapha kunokuba ukholelwe yikho konke okuzwayo. (IzAga 14:15) Ngandlela thile, ukuqapha kwakho kungafaniswa nokwabantu baseBhereya lasendulo.a Lapho betshelwa okokuqala izindaba zoMbuso, abaseBhereya bakwamukela abakuzwa, kodwa abakwenzanga lokho ngoba nje befuna lezo zindaba zibe yiqiniso. Kunalokho, bahlolisisa imiBhalo ngokucophelela ukuze babone “ukuthi zinjalo yini lezi zinto.” (IzEnzo 17:11) Ngamanye amazwi, abaseBhereya baqhathanisa izindaba ezinhle ababezizwile nalokho okushiwo yimiBhalo. Ngokuhamba kwesikhathi baqiniseka ngokuthi lezo zindaba ezinhle zazisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu.

OFakazi BakaJehova bakukhuthaza ukuba nawe wenze okufanayo. Ngelungiselelo lethu lesifundo seBhayibheli samahhala, sikunikeza ithuba lokuba uqhathanise lokho oFakazi BakaJehova abakukholelwayo ngoMbuso kaNkulunkulu nalokho okufundiswa iBhayibheli.

Ukwenezela ekufundeni kwakho ngoMbuso kaNkulunkulu, isifundo seBhayibheli singakusiza uthole izimpendulo zeminye yemibuzo ebaluleke kakhulu ekuphileni.

  • Savelaphi?

  • Iyini injongo yokuphila?

  • Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

  • Kwenzekani lapho sifa?

  • Ingabe umhlaba uyobhujiswa?

  • Yini engenza umndeni ujabule?

Ngaphezu kwakho konke, ukufunda iBhayibheli kuyokusiza ukuba ‘usondele kuNkulunkulu.’ (Jakobe 4:8) Lapho usondela nakakhulu kuNkulunkulu, uyobona indlela uMbuso kaNkulunkulu ongakuzuzisa ngayo​—hhayi manje kuphela kodwa kuze kube phakade. UJesu ngokwakhe washo lokhu lapho ethandaza kuYise: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”​—Johane 17:3.

OFakazi BakaJehova bangasebenzisa le ncwadi ukuze bafunde nawe iBhayibheli.

Ukuze ucele isifundo seBhayibheli samahhala, khuluma nanoma yimuphi uFakazi kaJehova noma ugcwalise ifomu engosini ethi www.jw.org/zu. (Bheka esithi CELA ISIFUNDO SEBHAYIBHELI ekhasini lokuqala lengosi)

a IBhereya kwakuwumuzi waseMakedoniya yasendulo.

Okwenza UMbuso KaNkulunkulu Ubaluleke Kuye

UFolake

Muva nje intombazane eneminyaka eyishumi, uFolake, yanikwa umsebenzi esikoleni wokubhala indaba enesihloko esithi: “Engikuthanda Kakhulu Kulo Mhlaba.” UFolake wakhetha ukubhala ngokuthi kungani ethanda ukutshela abantu ngoMbuso kaNkulunkulu.

UFolake wachaza: “UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo. Kodwa awubonakali, ngakho ngeke ukwazi ukuwubona​—ngisho noma ungafaka izibuko!”

Wabe esebhala ngezibusiso zoMbuso azilangazelelayo. Ekhuluma ngezinye zezinkinga eziyoxazululwa yilo Mbuso, wabhala, “Kungizwisa ubuhlungu ukubona abantu abangenamakhaya abahlala emigwaqeni nezingane ezibulawa yindlala kuzo zonke izingxenye zomhlaba.” Wenezela, “Kodwa ngiphinde ngijabule lapho ngifunda u-Isaya 65:21.” Ngokuphathelene nabantu abayobuswa uMbuso kaNkulunkulu, leli vesi linalesi sithembiso: “Bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo.”

UFolake wathi ulangazelela isikhathini lapho uNkulunkulu eyoqeda khona konke ukugula esebenzisa uMbuso wakhe. Endabeni yakhe wacaphuna isAmbulo 21:4 esithi uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Waphetha ngokuthi into ayithanda kakhulu ukukhuluma ngoJehova nangoMbuso wakhe. Kuyacaca ukuthi le ntombazane iwuthanda kakhulu uMbuso kaNkulunkulu!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela