Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 1/1 k. 3
  • Udosi Lokufa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Udosi Lokufa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isitha Sokugcina” Siyonqotshwa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • “UkuFa Kugwinyiwe Kuze Kube Phakade”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Udosi Lokufa Lususiwe
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubheka Kanjani Ukufa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 1/1 k. 3
Umuntu oshayiswe imoto wafa

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UKUFA KUYISIPHETHO SAKHO KONKE?

Udosi Lokufa

Ukufa kuyindaba engathandeki. Abantu abaningi bakhetha ukungakhulumi ngakho. Kodwa ekugcineni sonke siyobhekana nakho. Udosi lokufa lubukhali futhi lubuhlungu.

Akukho lutho olungasenza sikulungele ngokuphelele ukufelwa umzali, esishade naye noma ingane. Ukufelwa kungagadla singalindele noma kusehlele ngokuphindaphindiwe. Kunoma ikuphi, ubuhlungu bokufelwa abunakugwenywa futhi bungasishiya sikhungathekile.

U-Antonio, owashonelwa uyise engozini yemoto, uyachaza: “Kuba sengathi kunomuntu okhiye indlu yakho wayesehamba nokhiye. Awukwazi ukuphindela ekhaya. Ukuphela kwento osala nayo izinkumbulo. Lawa ngamaqiniso okumelwe uwamukele. Ngisho noma uzama ukuwenqaba—ngenxa yobuhlungu—uyaphoqeleka ukuba uwamukele.”

UDorothy, owaba umfelokazi eneminyaka engu-47, waqala ukufuna izimpendulo. Njengoba ayenguthisha kuSonto-sikole, wayenomuzwa wokuthi ukufa akusona isiphetho sakho konke. Kodwa wayengenazo izimpendulo ezicacile. Wabuza umfundisi wakhe waseSheshi: “Kwenzekani kithi lapho sifa?” Umfundisi wathi: “Akekho ngempela owaziyo. Kuzodingeka silinde ukuze sibone.”

Ingabe yilokho nje okumelwe sikwenze, ‘ukulinda ukuze sibone?’ Ingabe ikhona indlela yokwazi ukuthi ukufa kuyisiphetho sakho konke ngempela?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela