Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 12/1 kk. 30-32
  • Fundisa Izingane Zakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Izingane Zakho
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Wanamathela KuJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Okwenza Ukuba UDavide Angesabi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UDavide NoGoliyati
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Umuntu Ovumelana Nenhliziyo KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 12/1 kk. 30-32

Fundisa Izingane Zakho

UJothamu Wahlala Ethembekile Naphezu Kwezinkinga Zasekhaya

LAPHO umzali eyeka ukukhonza uNkulunkulu weqiniso, uJehova, ukuphila kwengane kungase kube nzima. Ake sixoxe ngoJothamu. Sizofunda ngezinselele abhekana nazo kubo lapho esakhula.

Uyise kaJothamu, u-Uziya, weyeyinkosi yakwaJuda. Wayeyindoda esesikhundleni esiphakeme kakhulu ezweni. U-Uziya waba yinkosi enhle iminyaka eminingi ngisho nangaphambi kokuzalwa kukaJothamu. Kodwa ekuhambeni kwesikhathi, lapho uJothamu esemncane, u-Uziya waqhosha futhi waphula uMthetho kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu wamshaya ngochoko, isifo esibi. Uyazi ukuthi uJothamu wenzani ngemva kwalokho?—a

UJothamu waqhubeka ekhonza uJehova. Mhlawumbe esizwa unina, uJerusha. Noma kunjalo, kungenzeka kwaba nzima ngoJothamu ukuhlala ethembekile kuJehova ngemva kokuba uyise, u-Uziya, engasavumelekile ukungena endlini kaJehova.

Ungenzenjani uma ubaba noma umama wakho bengayeka ukukhulekela uJehova? Lokho kungaba nzima kuwe, angithi?— Kodwa akukubi ukucabanga ngokuthi yini ongayenza uma abazali bakho bengayeka ukukhulekela uJehova. Ukuhlola lokho okwalotshwa uDavide eBhayibhelini kuyakufakazela lokhu.

Ubaba kaDavide, uJese, wayeyindoda elungile. Wayekhonza uJehova futhi singaqiniseka ukuthi uDavide wayemthanda uyise. Kodwa uDavide wafunda ukuthanda uJehova kakhulu kunoyise uJese. Ake sibone ukuthi sikwazi kanjani lokhu.

Ngicela uvule eBhayibhelini umbhalo weHubo 27:10. UDavide wabhala: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.” Cabanga ngalokhu: IBhayibheli lithi uma ubaba kaDavide, uJese, noma unina babengayeka ukukhonza uJehova, uDavide wayeyoqhubeka emkhonza.

Wena-ke? Ingabe uyoqhubeka ukhonza uJehova ngisho noma abazali bakho bengamkhonzi?— Kuhle ukuzibuza lo mbuzo. Ngenxa yomthetho othile obaluleke kakhulu oseBhayibhelini. Uthi: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.”

Lo myalo usho ukwethembeka kuJehova ngisho noma kunzima ukwenza kanjalo. Ucabanga ukuthi ubani ofuna siyeke ukukhonza uJehova?— Isitha sikaNkulunkulu uSathane uDeveli. UJesu wambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.” IBhayibheli libuye lithi ‘ungunkulunkulu walesi simiso sezinto.’ Ingabe kudingeka simesabe uSathane?—

Cha, akudingeki. Kunalokho, kudingeka sikhumbule ukuthi uJehova unamandla kakhulu kunoSathane. Uzosivikela uma simethemba. Funda eBhayibhelini lakho indlela uJehova avikela ngayo uDavide emdondoshiyeni onguGoliyathi. UJehova uyokuvikela nawe uma uhlala uthembekile kuye.

Funda eBhayibhelini lakho

  • 2 IziKronike 26:16-21; 27:1, 2

  • Mathewu 22:37

  • Johane 12:31; 2 Korinte 4:4

  • Hebheru 13:5, 6

  • 1 Samuweli 17:41-54

a Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba uhlabe ikhefu, bese unika ingane ithuba lokukhuluma.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela