Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 11/1 k. 3
  • Ingabe Kufanele Sifune Izimpendulo KuNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Sifune Izimpendulo KuNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Singakanani Isikhathi Esisalele Ababi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Thembela KuJehova Uphile!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Siyajabula NgoNkulunkulu Wensindiso Yethu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Liyini Iqiniso NgoNkulunkulu?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 11/1 k. 3

Ingabe Kufanele Sifune Izimpendulo KuNkulunkulu?

ABANYE bathi akulungile ukufuna izimpendulo kuNkulunkulu. Bangase babe nomuzwa wokuthi kuwukungamhloniphi ukumbuza ukuthi kungani evumela ezinye izinto ukuba zenzeke ezinye zingenzeki. Ingabe nawe unalowo mbono?

Uma kunjalo, ungase umangale ukuthola ukuthi abantu abaningi abalungile bake bazifuna izimpendulo kuNkulunkulu. Phawula lezi zibonelo zemibuzo abake bambuza yona:

Indoda ethembekile uJobe yabuza: “Kungani ababi beqhubeka bephila, bekhule baze baguga, futhi bebé bakhulu ngomcebo?”—Jobe 21:7.

Umprofethi oqotho uHabakuki wathi: “Kungani ubukela labo abenza ngokukhohlisa, uthula lapho omubi egwinya umuntu olunge ngaphezu kwakhe?”—Habakuki 1:13.

UJesu Kristu wabuza: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?”—Mathewu 27:46.

Uma ufunda amavesi aseduze kwalawa acashuniwe, uyobona ukuthi akukho lapho kuboniswa khona ukuthi uJehovaa uNkulunkulu wacasuka lapho ebuzwa le mibuzo eqotho. Lokhu akumangazi. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu akazizwa edelelwa uma simcela ukuba asinike izidingo eziyisisekelo ezingokwenyama ezigcina imizimba yethu inempilo. Uyakujabulela ukusinika esikucelayo. (Mathewu 6:11, 33) Ngendlela efanayo, usinikeza ngokuzithandela ukwaziswa okuzosigcina siphila engqondweni nangokomzwelo. (Filipi 4:6, 7) Eqinisweni, uJesu watshela abafundi bakhe: “Qhubekani nicela, niyophiwa.” (Mathewu 7:7) Umongo wesithembiso sikaJesu ubonisa ukuthi wayengakhulumi ngokuthola izinto ezibonakalayo kuphela kodwa nezimpendulo zemibuzo ebalulekile.

Uma ubungathola ithuba, imuphi kule mibuzo elandelayo obungathanda ukuwubuza uNkulunkulu?

  • Ingabe ukuphila kwami kunenjongo?

  • Kuzokwenzekani uma ngifa?

  • Kungani uvumela ukuba ngihlupheke?

Njengoba “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” uyothola izimpendulo azinikeza eZwini lakhe, iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Ake sixoxe ngezizathu ezenze abanye babuza le mibuzo engenhla nangezimpendulo ezinikezwa iBhayibheli.

a IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela