“Sicela Usithathe Isithombe”
Ngemva kosuku lwesibili lomhlangano wesigodi, uJosué, okhonza eBethel yaseMexico, wayehamba ebuka idolobha laseQuerétaro. Umbhangqwana oyizivakashi ezivela eColombia, uJavier noMaru, wacela uJosué ukuba awuthathe isithombe. Ngenxa yokuthi yena nabangane bakhe abangoFakazi babegqoke kahle futhi befake amabheji omhlangano, lo mbhangqwana wababuza ukuthi babevela emcimbini wokwethweswa iziqu yini noma emcimbini othile okhethekile. UJosué wachaza ukuthi babethamele umhlangano woFakazi BakaJehova, wayesewumema ukuba ube khona esimisweni sangeSonto.
Lo mbhangqwana waba nomuzwa wokuthi wawuzoba namahloni okuya emhlanganweni ngoba wawungaziphethe izingubo ezifanelekayo. Noma kunjalo, uJosué wawunika igama lakhe nezinombolo zocingo zegatsha ayekhonza kulo.
Ngemva kwezinyanga ezine, uJosué wamangala lapho ethintwa uJavier. Lo mbhangqwana wawuyile emhlanganweni futhi usufuna ukuvakashelwa oFakazi BakaJehova eMexico City, lapho wawuhlala khona. Ngokushesha uJavier noMaru base beqhutshelwa isifundo seBhayibheli, baqala nokuba khona emihlanganweni. Ngemva kwezinyanga eziyishumi, base bengabamemezeli. Nakuba lo mbhangqwana kwadingeka uthuthele eToronto, eCanada, waqhubeka uthuthuka ngokomoya futhi wabhapathizwa.
Ngemva kwesikhathi esithile, uJosué wathola incwadi evela kuJavier imchazela okwabenza bamukela iqiniso. “Ngaphambi kokuba siye emhlanganweni, mina nomkami sasikhulume ngesidingo sokuthola isiqondiso esingokomoya. Lapho sibona indlela enanigqoke kahle ngayo, sacabanga ukuthi nanivela emhlanganweni okhethekile. Lapho sisemhlanganweni wesigodi sahlatshwa umxhwele uthando esaboniswa lona lapho besibonisa indawo yokuhlala, besisiza ekuvuleni iBhayibheli, sakhangwa nayindlela abantu ababeziphethe ngayo. Akubakhathazanga abantu ukuthi sasigqoke njengezivakashi ezihamba zibuka amazwe.”
Yeka ukuthi amazwi enkosi ehlakaniphile uSolomoni abonakala eyiqiniso kanjani kuJosué! USolomoni wabhala: “Hlwanyela imbewu yakho ekuseni futhi kuze kube kusihlwa ungasivumeli isandla sakho siphumule; ngoba awazi ukuthi yikuphi lapho le iyophumelela khona, kungaba lapha noma laphaya, noma ukuthi zombili ziyoba zinhle ngokufanayo.” (UmSh. 11:6) Ingabe ungayihlwanyela imbewu ngokusebenzisa amathuba okutshela abanye ngomhlangano wesigodi ozayo noma inkulumo yeningi? UJehova angakusebenzisa ukuze ahehe labo abalambele futhi bomele isiqondiso esingokomoya, njengoJavier noMaru.—Isaya 55:1.
[Isithombe ekhasini 32]
Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: U-Alejandro Voeguelin, uMaru Pineda, u-Alejandro Pineda, uJavier Pineda noJosué Ramírez egatsheni laseMexico