Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 1/1 k. 22
  • Ingabe Bewazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bewazi?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wamelela Abantu BakaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Walwela Abantu BakaNkulunkulu
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Amaphuzu Avelele Encwadi Ka-Esteri
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • U-Esteri Wamela Abantu BakaNkulunkulu
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 1/1 k. 22

Ingabe Bewazi?

Ingubani iNkosi u-Ahashiveroshi yasePheresiya okukhulunywa ngayo eBhayibhelini encwadini ka-Esteri?

▪ Incwadi ka-Esteri ithi u-Ahashiveroshi wakhetha intombazane engumJuda, u-Esteri, ukuba ibe indlovukazi yakhe, futhi le ntombazane yaqhubeka isindisa abantu bakubo ekuqothulweni. Sekuyisikhathi eside kunemibono ehlukahlukene ngokuthi yayingubani inkosi yasePheresiya ebizwa ngokuthi u-Ahashiveroshi. Nokho, inkinga yokuthi wayengubani u-Ahashiveroshi yaxazululwa lapho kutholwa ukwaziswa okubhalwe ngezilimi ezintathu ematsheni esikhumbuzo asePheresiya. Lokhu kwaziswa kusishiya singangabazi ukuthi u-Ahashiveroshi kwakunguXerxes I, indodana kaDariyu Omkhulu (Hystaspis). Indlela igama likaXerxes elivela ngayo ematsheni asePheresiya, icishe lifane nsé nendlela elivela ngayo emBhalweni wesiHebheru wencwadi ka-Esteri uma ihunyushelwa olimini lwesiHebheru ngokwezwi nezwi.

Konke okushiwo encwadini ka-Esteri mayelana no-Ahashiveroshi kuyavumelana nalokhu. Kusukela enhloko-dolobha yakhe iSusa (iShushani), e-Elamu, le nkosi yasePheresiya yabusa lonke elaseMediya futhi umbuso wayo wawusuka eNdiya uze uyofinyelela eziqhingini zaseMedithera. (Esteri 1:2, 3; 8:9; 10:1) Isazi uLewis Bayles Paton, sithi: “Wonke la maqiniso akhomba kuXerxes, hhayi kwenye inkosi yasePheresiya. U-Ahashiveroshi njengoba evela encwadini ka-Esteri, uvumelana kahle nokulandisa okumayelana noXerxes okulandiswa uHerodotus nezinye izazi-mlando ezingamaGreki.”

Yibuphi ubufakazi obukhona obubonisa ukuthi izitini zazifolonywa eGibhithe lasendulo?

▪ Incwadi yeBhayibheli ka-Eksodusi ithi abaseGibhithe babesebenzisa izigqila zabo ezingamaHebheru ekufolomeni izitini. Izigqila kwakufanele zifolome inani elithile usuku ngalunye, zisebenzisa udaka lobumba notshani.—Eksodusi 1:14; 5:10-14.

Ukufoloma izitini ezonyiswa ilanga kwakuwumsebenzi obalulekile eSigodini saseNayile ngezikhathi zeBhayibheli. Izakhiwo zasendulo ezakhiwa ngalezi zitini zisekhona nanamuhla eGibhithe. Umdwebo osodongeni wangekhulu le-15 B.C.E. osethuneni likaRekhmire, eThebes ocishe uhambisane nezenzakalo ezilotshwe encwadini ka-Eksodusi ubonisa le nqubo.

International Standard Bible Encyclopedia ichaza isimo salo mdwebo ngale ndlela: “Amanzi akhiwa echibini; udaka luxovwa ngegeja bese lusondezwa kumenzi wezitini. Lolu daka lugxishwa efolomeni lokhuni. Ofolomayo ubamba ifoloma alithi ngqi phansi. Ube eselithulula kuphume isitini esisha, abese esiyeka sonyiswe ilanga. Kufolonywa izitini eziningi okuthi uma sezomile zibekwe kahle phezu kwezinye zilindele ukusetshenziswa. Le nqubo isalandelwa eMpumalanga Eseduze.”

Izincwadi ezihlukahlukene ze-papyrus ezisukela enkulungwaneni yesibili yeminyaka B.C.E. nazo zibhekisela ekufolonyweni kwezitini okwakwenziwa izigqila, ekusetshenzisweni kotshani nodaka nasenanini lezitini izisebenzi okwakudingeka zizifolome ngosuku.

[Isithombe ekhasini 22]

Itshe likaXerxes (emile) nelikaDariyu omkhulu (ehleli)

[Umthombo]

Werner Forman/Art Resource, NY

[Isithombe ekhasini 22]

Imininingwane esemdwebeni wodonga ethuneni likaRekhmire

[Umthombo]

Erich Lessing/Art Resource, NY

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela