Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Ungayibona Kanjani Inkolo Yeqiniso?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sizokubonisa ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Ingabe kunenkolo eyodwa yeqiniso?
UJesu wafundisa abalandeli bakhe inkolo eyodwa kuphela, inkolo yeqiniso. Ifana nendlela eholela ekuphileni. Ekhuluma ngaleyo ndlela, uJesu wathi: “Bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:14) UNkulunkulu wamukela kuphela ukukhulekela okusekelwe eZwini lakhe leqiniso. Bonke abakhulekeli beqiniso bamunye enkolweni eyodwa.—Funda uJohane 4:23, 24; 14:6; Efesu 4:4, 5.
2. Kungani ziziningi kangaka izinkolo ezithi zingezobuKristu?
Abaprofethi bamanga baye bangcolisa ubuKristu futhi baye babusebenzisela ukuzizuzisa bona. Njengoba uJesu abikezela, bazenza ‘izimvu’ kodwa empeleni bayizimpisi ezilambile. (Mathewu 7:13-15, 21, 23) UbuKristu bamanga badlondlobala kakhulu ngemva kokufa kwabaphostoli bakaJesu.—Funda izEnzo 20:29, 30.
3. Yiziphi ezinye zezici ezisisiza ukuba sibone inkolo yeqiniso?
Abakhulekeli beqiniso bahlonipha iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu. Bazama ukuphila ngemithetho yalo. Ngakho, inkolo yeqiniso ayifani nenkolo esekelwe emibonweni yabantu. (Mathewu 15:7-9) Abakhulekeli beqiniso abashumayeli okunye benze okunye.—Funda uJohane 17:17; 2 Thimothewu 3:16, 17.
Inkolo yeqiniso ihlonipha igama likaNkulunkulu elithi Jehova. UJesu walenza laziwa igama likaNkulunkulu. Wasiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu futhi wabafundisa ukuba bathandazele ukungcweliswa kwegama laKhe. (Mathewu 6:9) Endaweni yakini, iyiphi inkolo ekhuthaza abantu ukuba basebenzise igama likaNkulunkulu?—Funda uJohane 17:26; Roma 10:13, 14.
4. Ungababona kanjani abakhulekeli beqiniso?
AmaKristu eqiniso ashumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu wathumela uJesu ukuba azoshumayela ngoMbuso. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba labantu. UJesu wakhuluma ngawo kwaze kwaba sekufeni kwakhe. (Luka 4:43; 8:1; 23:42, 43) Watshela abalandeli bakhe ukuba bashumayele ngawo. Uma kufika umuntu ekutshela ngoMbuso kaNkulunkulu, cishe usuke engowayiphi inkolo?—Funda uMathewu 10:7; 24:14.
Abalandeli bakaJesu abayona ingxenye yaleli zwe elibi. Abahlanganyeli ezindabeni zezombusazwe noma ezingxabanweni zomphakathi. (Johane 17:16) Abayilingisi imikhuba yaleli zwe eyingozi nendlela yalo yokucabanga.—Funda uJakobe 1:27; 4:4.
5. Yiluphi uphawu oluvelele lobuKristu beqiniso?
AmaKristu eqiniso ayathandana kakhulu. IZwi likaNkulunkulu liwafundisa ukuhlonipha abantu bazo zonke izinhlanga. Nakuba inkolo yamanga iye yazisekela kakhulu izimpi zezizwe, abakhulekeli beqiniso bayenqaba ukwenza kanjalo. (Mika 4:1-4) Esikhundleni salokho, basebenzisa isikhathi sabo nezinto zabo ngokuzithandela ukuze basize futhi bakhuthaze abanye.—Funda uJohane 13:34, 35; 1 Johane 4:20, 21.
Yiliphi iqembu elisekela zonke izimfundiso zalo eZwini likaNkulunkulu, elihlonipha igama likaNkulunkulu nelimemezela ngoMbuso wakhe njengowukuphela kwethemba labantu? Yiliphi iqembu elibonisa uthando futhi elingasekeli izimpi? Ubufakazi bubonisa ukuthi oFakazi BakaJehova.—1 Johane 3:10-12.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 15 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16]
“Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.”—Thithu 1:16