Yini Okufanele Ifundwe Izingane?
“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.”—2 THIMOTHEWU 3:16.
IZINGANE kudingeka zifundiswe iqiniso ngoNkulunkulu. Zingalifundaphi lelo qiniso? Zingalifunda encwadini yenkolo ehlonishwa kakhulu emhlabeni, iBhayibheli.
IBhayibheli linjengencwadi evela kuNkulunkulu. Kuleyo ncwadi, uchaza ubuntu bakhe futhi unikeza zonke izingane zakhe, ezincane nezindala, imithetho yokuziphatha. Nazi ezinye zezimfundiso eziseBhayibhelini nezifundo ezingafundwa ngisho nayizingane ezincane.
Yini uNkulunkulu afuna siyazi ngaye?
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.
Isifundo: UNkulunkulu akawona amandla nje amakhulu, kodwa unguMuntu ongokoqobo onegama elimehlukanisayo kwabanye onkulunkulu.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “UJehova uhlola zonke izinhliziyo, futhi ubona konke ukuthambekela kwemicabango. Uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe.”—1 IziKronike 28:9.
Isifundo: UJehova uNkulunkulu usikhathalela sonke, kuhlanganise nezingane ezincane. (IHubo 10:14; 146:9) Ufuna sifunde ngaye.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: ‘Ningayihluphi intandane. Uma nje ningayihlupha, bese ikhala kimi, ngiyokuzwa nakanjani ukukhala kwayo.’—Eksodusi 22:22-24.
Isifundo: UJehova ulalela ngisho nemithandazo yezingane ezincane. Singakhuluma noNkulunkulu ngaso sonke isikhathi simthululele okusezinhliziyweni zethu nendlela esizizwa ngayo.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu, bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.”—IHubo 78:41.
Isifundo: Esikushoyo nesikwenzayo kuyayithinta indlela uJehova azizwa ngayo, ngakho kufanele sicabange ngaphambi kokukhuluma nangaphambi kokwenza.
Kufanele sibaphathe kanjani abantu abangafani nathi?
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Isifundo: Njengoba uNkulunkulu amukela abantu bazo zonke izizinda, akufanele sibandlulule abanye ngenxa yebala labo lesikhumba noma ngenxa yokuthi indlela ababukeka ngayo yehlukile kweyethu.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Ngaso sonke isikhathi [hlalani] nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.
Isifundo: Lapho sixoxa ngenkolo, kufanele siveze imibono yethu ngokuqiniseka kodwa ngendlela emnene. Kufanele sibonise nenhlonipho kulabo abanezinkolelo zenkolo ezingafani nezethu.
Kufanele siwaphathe kanjani amalungu omkhaya?
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Bantwana, lalelani abazali benu kukho konke, ngoba lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.”—Kolose 3:20.
Isifundo: Izingane ezilalelayo azibonisi nje ukuthi zithanda abazali bazo, kodwa zibonisa nokuthi zifuna ukujabulisa uNkulunkulu.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”—Kolose 3:13.
Isifundo: Ngezinye izikhathi abanye abantu bayosiphatha kabi, kuhlanganise namalungu omkhaya wethu. Kodwa uma sifuna uNkulunkulu asithethelele, nathi kumelwe sifunde ukuthethelela abanye.—Mathewu 6:14, 15.
Kungani kufanele sithembeke futhi sibe nomusa?
◼ Okufundiswa iBhayibheli: ‘Lahlani amanga, futhi yilowo nalowo makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.’—Efesu 4:25.
Isifundo: Uma sikhuluma iqiniso, sisuke silingisa uNkulunkulu futhi simjabulisa. Uma siba nomkhuba wokuqamba amanga, sizifanisa nesitha sikaNkulunkulu, uDeveli ‘onguyise wamanga.’—Johane 8:44; Thithu 1:2.
◼ Okufundiswa iBhayibheli: “Phatha abanye ngendlela ofuna bakuphathe ngayo.”—Mathewu 7:12, “Contemporary English Version.”
Isifundo: Kufanele sicabangele imizwa, imicabango nezidingo zamalungu emindeni yethu nabanye emphakathini. Uma ‘sibonisa ukuzwelana’ cishe nabanye bayosiphatha ngomusa.—1 Petru 3:8; Luka 6:38.
Njengoba lezi zibonelo zibonisa, izifundo eziqukethwe iBhayibheli zingasiza izingane ukuba zikhule zibe abantu abadala abanokwazisa, inhlonipho nozwela. Kodwa ubani okufanele afundise izingane lezi zifundo?