Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 5/1 k. 8
  • Isiprofetho 5. Ukonakalisa Umhlaba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isiprofetho 5. Ukonakalisa Umhlaba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusindisa Umhlaba Ekonakalisweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Umuntu Uwenzani Umhlaba?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ubani Ozovikela Umhlaba Wethu?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kungani Kufanele Siyikhathalele Imvelo?
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 5/1 k. 8

Isiprofetho 5. Ukonakalisa Umhlaba

‘UNkulunkulu uyochitha abachitha umhlaba.’—ISAMBULO 11:18.

● UMnumzane uPirri usebenza eKpor, eNigeria, njengomenzi wewayini lesundu. Ibhizinisi lakhe liye laphazanyiswa ukuchitheka kukawoyela omningi eNiger Delta. Uthi: “Uwoyela ubulala izinhlanzi, ushisa isikhumba sethu futhi ungcolisa imifula. Angisenayo indlela yokuziphilisa.”

ABONISANI AMAQINISO? Ngokusho kwezazi ezithile, izilwandle zingcoliswa imfucumfucu engamathani angaba izigidi ezingu 6,5 unyaka ngamunye. Kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angu-50 ale mfucumfucu ayizinto ezakhiwe ngopulasitiki ezithatha amakhulu ngamakhulu eminyaka ukudleka ziphele. Ngalé nje kokuthi abantu bangcolisa umhlaba, basebenzisa kabi nemikhiqizo yemvelo ngendlela eyethusayo. Ucwaningo lubonisa ukuthi umhlaba udinga unyaka nezinyanga ezinhlanu ukuze uphinde ukhiqize lokho okusetshenziswe abantu ngonyaka owodwa. Iphephandaba lase-Australia, i-Sydney Morning Herald, lithi:“Uma inani labantu landa futhi beqhubeka nokuyisebenzisa kabi imikhiqizo yomhlaba, siyodinga indawo elingana nemihlaba emibili ngo-2035.”

YIZIPHI IZINTO EZIVAME UKUSHIWO? Abantu bahlakaniphile, ngakho singakwazi ukuxazulula lezi zinkinga, kanjalo sisindise umhlaba.

INGABE LEZO ZINTO ZIYIQINISO? Abantu abakhuthele, kuhlanganise namaqembu amaningi athanda imvelo, baye baxwayisa ngomonakalo owenzeka emvelweni. Noma kunjalo, umhlaba uyaqhubeka wonakaliswa kakhulu.

UCABANGANI? Ingabe sikhona isidingo sokuba uNkulunkulu angenele futhi asindise umhlaba wethu ekonakalisweni—njengoba eye wathembisa?

Ngaphezu kweziprofetho ezinhlanu esisanda kuxoxa ngazo, iBhayibheli labikezela nezinto ezinhle ezaziyokwenzeka ezinsukwini zokugcina. Cabangela isibonelo esisodwa sesiprofetho sesithupha.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 8]

“Ngizizwa sengathi ngiye ngaphucwa isiqephu sepharadesi nganikwa indawo yokulahla izibi ezinobuthi.”—U-ERIN TAMBER, ISAKHAMUZI SASEGULF COAST, E-UNITED STATES, EKHULUMA NGEMIPHUMELA YOKUCHITHEKA KUKAWOYELA EGULF OF MEXICO NGO-2010.

[Ibhokisi ekhasini 8]

Ingabe NguNkulunkulu Okufanele Abekwe Icala?

Njengoba iBhayibheli labikezela izimo ezimbi esizibona namuhla, ingabe lokho kusho ukuthi nguNkulunkulu okufanele abekwe icala? Ingabe uyena obangela ukuhlupheka? Ungathola izimpendulo ezigculisayo zale mibuzo esahlukweni 11 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 8]

U.S. Coast Guard photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela