Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 5/1 k. 3
  • Izinkinga Eziholela Ethembeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinkinga Eziholela Ethembeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lithini IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Zibonakala Ngani “Izinsuku Zokugcina,” Noma “Isikhathi Sokuphela”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izingane Ezingenamakhaya—Ingabe Likhona Ikhambi?
    I-Phaphama!—1990
  • Ukufundisa Okuwusizo Kwezikhathi Zethu Ezinzima
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 5/1 k. 3

Izinkinga Eziholela Ethembeni

“Ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 THIMOTHEWU 3:1.

INGABE wake wezwa—noma wabona—esinye salezi zenzakalo ezilandelayo ezibuhlungu?

● Isifo esiwumshayabhuqe sibulale inqwaba yabantu.

● Indlala ibulale abantu abaningi.

● Ukuzamazama komhlaba kubulale izinkulungwane, kwashiya abaningi bengenamakhaya.

Emakhasini alandelayo uzofunda ngamaqiniso abalulekile aphathelene nezenzakalo ezifana nalezi. Uzophawula nokuthi iBhayibheli labikezela ukuthi lezi zinto ziyokwenzeka enkathini ebizwa ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’a

Nokho, lezi zihloko azihloselwe ukukukholisa ukuthi siphila ezweni elinezinkinga. Cishe nawe uyakubona lokho. Kunalokho, ziklanyelwe ukukunika ithemba. Zizobonisa ukuthi ukugcwaliseka kwalezi ziprofetho eziyisithupha kusho ukuthi inkathi ‘yezinsuku zokugcina’ isizophela. Kulezi zihloko sizoxoxa ngezinto ezivame ukushiwo abantu ngokuqondene nobufakazi bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina futhi sizothola izizathu ezizwakalayo zokukholelwa ukuthi ukuphila okungcono kusemnyango.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukuthi kungani uNkulunkulu evumela lezi zimo ezimbi, bheka isihloko esithi, “Kungani UNkulunkulu Evumela Ububi Nokuhlupheka?” emakhasini 16 kuya ku-17 alo magazini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela