Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 kk. 8-9
  • Kuyini “Ukuphela”?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuyini “Ukuphela”?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • “Ukuphela Kwezwe”—Kuyinto Yokulangazelelwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Ingabe Umhlaba Uzobhujiswa?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Kufanele Ukwesabe Ukuphela Kwezwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 kk. 8-9

Kuyini “Ukuphela”?

“. . . khona-ke ukuphela kuyofika.”—MATHEWU 24:14.

KUNINGI okushiwoyo ngokuphela. Izincwadi, amafilimu nomagazini bamahlaya kuya kwabesayensi kuchaza izindlela ezihlukahlukene zokufika kokuphela. Le mithombo ithi bonke abantu bayoqothulwa yimpi yenuzi, ukushayisana kwamaplanethi, igciwane elibulala uyaca, isimo sezulu esingalawuleki, noma izidalwa ezihlala emkhathini.

Abefundisi nabo basho izinto ezihlukahlukene; abaningi bafundisa ukuthi “ukuphela” kuyoqeda yonke into ephilayo emhlabeni. Sikhuluma ngoMathewu 24:14, esinye isazi semfundiso yenkolo sabhala la mazwi abuhlungu: “Leli ngelinye lamavesi abaluleke kunawo wonke kulo lonke iZwi likaNkulunkulu . . . Isizukulwane sethu sisemathubeni okuqothulwa ngokuphelele kangangokuthi abaningi bethu besaba nokucabanga ukuthi isimo siyoba sibi kangakanani.”

Abantu abanale mibono bavame ukukhohlwa leli qiniso elibalulekile: UJehova uNkulunkulu “wawumisa waqina” umhlaba; ‘akazange awudalele ize nje, kodwa wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.’ (Isaya 45:18) Ngakho, lapho uJesu ekhuluma ‘ngokuphela,’ wayengasho ukuthi umhlaba uyobhujiswa; futhi wayengasho ukuthi bonke abantu bayoqothulwa kungasali muntu. Wayesho ukuthi ababi—labo abenqaba ngenkani ukuphila ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova sothando—bayobhujiswa.

Cabanga ngalesi sibonelo. Ake sithi unomuzi omuhle futhi uvumela abathile ukuba bahlale kuwo mahhala. Abanye abantu abahlala kulo muzi bahlalisana ngokuthula nabanye futhi bawunakekela kahle umuzi wakho. Kodwa kunabathile abayinkinga; baxabana bodwa futhi bahlukumeza abanye abahlala emzini wakho. Bawohloza umuzi wakho futhi bayakudelela uma uzama ukubakhuza.

Yini obungayenza ukuze ulungise lesi simo? Ingabe ubungabhidliza indlu yakho? Cishe ubungeke ukwenze lokho. Cishe ubungaxosha izedeleli bese ulungisa umonakalo eziwenze endlini yakho.

UJehova naye uzokwenza okufanayo. Waphefumulela umhubi ukuba abhale: “Abenzi bokubi bazonqunywa, kodwa abathemba uJehova yibo abayodla ifa lomhlaba. Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:9-11.

Umphostoli uPetru naye wakhuluma ngale ndaba. Waphefumulelwa ukuba abhale: “Ayekhona amazulu kusukela kudala nomhlaba omi ubumbene uvelé emanzini futhi uphakathi kwamanzi ngezwi likaNkulunkulu; ngawo izwe langaleso sikhathi labhujiswa lapho limbozwa amanzi.” (2 Petru 3:5, 6) Lapha umphostoli ukhuluma ngoZamcolo wosuku lukaNowa. Abantu abangamesabi uNkulunkulu babhujiswa, kodwa umhlaba awuzange ubhujiswe. UZamcolo womhlaba wonke wabekela “abantu abangamhloniphi uNkulunkulu isibonelo sezinto ezizayo.”—2 Petru 2:6.

UPetru wanezela: “Amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo.” Uma leli vesi silifunda sigcine lapha singathola umbono onganembile. Nokho, phawula ukuthi lithini uma liqhubeka: “Nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” Kuzobhujiswa abantu abangamhloniphi uNkulunkulu, hhayi umhlaba. UPetru uqhubeka athini? “Kukhona amazulu amasha [uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya] nomhlaba omusha [umphakathi wabantu abalungile] esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:7, 13.

Isiprofetho seBhayibheli sibonisa nokuthi isikhathi sokufika ‘kokuphela’ sesiseduze. Funda uMathewu 24:3-14 neyesi-2 Thimothewu 3:1-5 ukuze ubone izici ezifakazela ukuthi lokhu kuyiqiniso.a

Kuyakumangaza yini ukuthi uMathewu 24:14 udida abantu abaningi, umBhalo ngisho nengane engawuqonda? Zikhona izizathu zalokho. USathane uye waphuphuthekisa izingqondo zabantu ukuze bangawaboni amaqiniso ayigugu aseZwini likaNkulunkulu. (2 Korinte 4:4) Esinye isizathu siwukuthi uNkulunkulu uye wafihlela abaqhoshayo izinjongo zakhe, kodwa wazambulela abathobekileyo. Mayelana nale ndaba, uJesu wathi: “Ngikudumisa obala, Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngoba uzifihlile lezi zinto kwabahlakaniphile nakongqondongqondo wazambulela izingane.” (Mathewu 11:25) Yeka ukuthi kuyilungelo kangakanani ukuba phakathi kwabathobekileyo abaqondayo ukuthi uyini ngempela uMbuso kaNkulunkulu futhi abangabheka phambili ezibusisweni oyozilethela bonke abawusekelayo!

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okuningiliziwe, bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 9]

UMbuso uyoletha “ukuphela” kubo bonke ububi obusemhlabeni

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela