Indlela Yesihlanu
Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
LIFUNDISANI IBHAYIBHELI? “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
IYINI INSELELE? Kunezinkolo eziningi kakhulu ezihlukahlukene futhi eziningi zazo zifundisa izindlela ezingqubuzanayo zokwanelisa isidingo esingokomoya. Ungazi kanjani ukuthi iyiphi efundisa iqiniso nejabulisa uNkulunkulu ngempela? Abanye ababhali abaqavile bagomela ngokuthi ukukholelwa nokuzinikela kuNkulunkulu akunangqondo, futhi kuyingozi nokuba yingozi. Umagazini i-Maclean’s usitshela ngombono womuntu othile ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona: “Le nkolelo yamaKristu yokuthi kukhona okuthile ngalé kwesayensi nalokho esikubona ngamehlo . . . yenza ukuphila kungajabulisi kangako futhi kusenza sithambekele ebudloveni.”
YINI ONGAYENZA? Hlola ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona. (Roma 1:20; Hebheru 3:4) Ungavumeli muntu akunqande ekufuneni izimpendulo zemibuzo ebalulekile, njengalena elandelayo: Kungani silapha? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Kungani kunokuhlupheka okungaka? Yini uNkulunkulu ayifuna kimi? Ukuthola izimpendulo ezigculisayo zale mibuzo kuwumgogodla ekutholeni ukwaneliseka phakade.
Nokho, ungaveli nje wamukele yonke into oyitshelwayo. IZwi likaNkulunkulu likukhuthaza ukuba usebenzise ‘amandla akho okucabanga’ ukuze uzihlolele ukuthi yini eyamukelekayo kuye. (Roma 12:1, 2) Imizamo yakho iyoba nezithelo. Uma uzinika isikhathi sokutadisha iBhayibheli futhi usebenzise iseluleko salo esisebenzayo uyogwema izinkinga, unciphise ukukhathazeka futhi wandise injabulo ekuphileni. Lesi yisithembiso esiqinisekile. Kunezigidi zabantu ezinezizinda ezingefani eziye zazuza ekufundeni iqiniso ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe. Ngokwesibonelo, funda ngezindaba ezingokoqobo emakhasini 18 kuya ku-21 kulo magazini.
Ukuzinikela kwakho kuNkulunkulu kuyojula lapho uzuza ekusebenziseni iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile. Sicela wamukele isifundo seBhayibheli koFakazi BakaJehova. Uma usamukela, cishe nawe uzovumelana nomphostoli uPawulu owabhala: “Kuyindlela yokuthola inzuzo enkulu, lokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokwaneliswa.”—1 Thimothewu 6:6.
[Isithombe ekhasini 8]
Zihlolele ukuthi yini eyamukelekayo kuNkulunkulu