“Ingisiza Ukuba Ngifinyelele Izinhliziyo Zabantu”
EPORTO ALEGRE, idolobha eliseningizimu yeBrazil, kwake kwaba nengqungquthela yomhlaba wonke eyayidingida izinkinga zezenhlalakahle. Kwakunamashumi ezinkulungwane zabantu abavela emazweni angu-135. Ngezikhathi zekhefu, iqembu loFakazi BakaJehova elivela ebandleni lasePorto Alegre laliya ezihambelini eziningi lixoxe nazo ngesigijimi soMbuso seBhayibheli. Lakwazi kanjani ukuxoxa nabo?
“Sasisebenzisa incwajana ethi, Good News for People of All Nations,” kusho u-Elizabete, oyiphayona. Wanezela: “Izihambeli eziningi zazingakaze zizizwe izindaba ezinhle zoMbuso kodwa zasabela kahle esigijimini sethu. Saxoxa nabantu abavela eBolivia, eChina, eFrance, e-India, e-Israel naseNigeria. Sasinazo izincwadi zeBhayibheli ngezilimi zezinye izihambeli futhi zazamukela ngenjabulo.”
EMexico, iphayona elithile okuthiwa uRaúl nalo liyayisebenzisa le ncwajana futhi lithola imiphumela emihle. Lake lakhuluma nekhehla elineminyaka engu-80 elingumArabhu elalisanda kushonelwa umkalo. Lapho selifunde ikhasi elisencwajaneni elinesigijimi soMbuso ngesi-Arabhu, lakhala izinyembezi zenjabulo. Kungani? Isithembiso sikaNkulunkulu sokuthi ukufa ngeke kusaba khona esilotshwe kusAmbulo 21:3, 4, salithinta ngokujulile lapho lisifunda ngolimi elaluncela. Kwesinye isenzakalo, lapho uRaúl efakaza ngokwethukela, wahlangana nendoda eyayikhuluma isiPutukezi. Nayo yayishonelwe umuntu emthandayo—indodana yayo. URaúl wayicela ukuba ifunde ikhasi elibhalwe ngesiPutukezi kuleyo ncwajana. Ngemva kokulifunda, le ndoda yabonisa ukuthi ifuna ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli futhi yamukela nesifundo.
URaúl usesebenzise incwajana ethi, Good News for People of All Nations ukuze afakaze kulabo abakhuluma isi-Armenia, isiFulentshi, isiHindi, isiJalimane, isiKorea, isiMixe, isiNgisi, isiPheresiya, isiRashiya, isiShayina nesiZapotec. Uthi: “Ngibonile ukuthi kubaluleke kangakanani ukusebenzisa le ncwajana ensimini. Ingisiza ukuba ngifinyelele izinhliziyo zabantu ngisho noma ngingalwazi ulimi lwabo.”
Njengoba banda abantu abavakashela futhi bathuthele kwamanye amazwe, sinamathuba amaningi okuhlangana nabantu abakhuluma olunye ulimi. Siyokwazi ukuhlanganyela nabo isigijimi soMbuso ngokusebenzisa incwajana ethi, Good News for People of All Nations. Uyayiphatha yini wena?
[Izithombe ekhasini 32]
URaúl nencwajana emsiza ukuba afinyelele izinhliziyo zabantu