Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 10/1 kk. 6-7
  • 3 Sithandaze Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 3 Sithandaze Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indlela Yokuthola Usizo Ngomthandazo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 10/1 kk. 6-7

3 Sithandaze Kanjani?

IZINKOLO eziningi zilandela imidanti eminingi yokuthandaza, njengendlela okumelwe umuntu ame ngayo, amagama okufanele awasho nemikhutshana okumelwe ayenze. Nokho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba singagxili kakhulu kulezo zinto futhi lisisiza ukuba sazi izici ezibaluleke kakhudlwana sempendulo yombuzo othi, “Kumelwe sithandaze kanjani?”

IBhayibheli lisitshela ngezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezazithandaza ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. Zazithandaza buthule noma ngokuzwakalayo, kuye ngezimo. Zazithandaza zibheke emazulwini noma zikhotheme. Zazingasebenzisi imifanekiso, imigexo ethile noma izincwadi zemikhuleko. Kunalokho, zazithandaza ngamazwi azo ngokusuka enhliziyweni. Yini eyénza ukuba uNkulunkulu ezwe imithandazo yazo?

Njengoba kuboniswe esihlokweni esandulele, zazithandaza kuNkulunkulu oyedwa kuphela—uJehova. Kunesinye futhi isici esibalulekile. Incwadi yoku-1 Johane 5:14 ithi: “Yilokhu ukuqiniseka esinakho kuye, ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” Imithandazo yethu kufanele ivumelane nentando kaNkulunkulu. Kusho ukuthini lokho?

Ukuze sithandaze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, kudingeka sazi ukuthi iyini intando yakhe. Yingakho kubalulekile ukutadisha iBhayibheli. Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ngeke asilalele uma singezona izazi zeBhayibheli? Cha akunjalo. Nokho, ulindele ukuba sifunde ngentando yakhe, sifune ukuyazi bese siyenza. (Mathewu 7:21-23) Kufanele sithandaze ngokuvumelana nalokho esikufundayo.

Ukuze uNkulunkulu ezwe imithandazo yethu, kufanele ivumelane nentando yakhe, ibonise ukholo futhi sithandaze egameni likaJesu

Lapho siqhubeka sifunda ngoJehova nangentando yakhe, siyoba nokholo oluqinile—esinye isici esibalulekile endabeni yomthandazo. UJesu wathi: “Zonke izinto enizicela ngomthandazo, ninokholo, niyozamukela.” (Mathewu 21:22) Ukholo alusho ukukholelwa kuyo yonke into. Kunalokho, lusho ukukholelwa kokuthile okusekelwe ebufakazini obuqinile, nakuba kungabonakali. (Hebheru 11:1) IBhayibheli linobufakazi obuningi bokuthi nakuba singenakumbona uJehova, kodwa ukhona, singamethemba nokuthi uzimisele ukuphendula imithandazo yalabo abanokholo kuye. Ngaphezu kwalokho, singalucela noma nini ukholo olwengeziwe futhi uJehova uyakujabulela ukusinika esikudingayo.—Luka 17:5; Jakobe 1:17.

Nasi esinye isici esibalulekile endleleni yokuthandaza. UJesu wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Johane 14:6) Lokhu kusho ukuthi uJesu uyindlela yokuya kuBaba, uJehova. Yingakho atshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze egameni lakhe. (Johane 14:13; 15:16) Lokhu akusho ukuthi kufanele sithandaze kuJesu. Kunalokho, kufanele sithandaze egameni likaJesu, sikhumbula ukuthi nguye owasivulela indlela yokukhuluma noBaba wethu ophelele futhi ongcwele.

Abalandeli bakaJesu ababesondelene kakhulu naye bake bamcela lokhu: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) Ngokusobala, babengaceli ukuba abafundise lezi zinto eziyisisekelo esisanda kuxoxa ngazo. Babefuna ukwazi ukuthi bathandazele ini. Ngamanye amazwi, babethi, ‘Kufanele sithandaze ngani?’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela