Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 7/1 k. 3
  • Ungamazi Yini UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungamazi Yini UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Igama LikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2017
  • Indlela Ongamazi Ngayo UNkulunkulu Ngegama
    I-Phaphama!—2004
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 7/1 k. 3

Ungamazi Yini UNkulunkulu?

Ukucelwa ukuba uyobingelela noma uyokhuluma nomuntu osesikhundleni esiphezulu kuyilungelo elikhulu. Kuyilungelo elikhulu nangokwengeziwe uma ungambiza ngegama lowo muntu. Ngokwesibonelo, kunabantu abasezikhundleni eziphezulu ababizwa ngeziqu ezinjengalezi, “uMongameli,” “iSilo Samabandla,” noma “uMphathi Omkhulu.” Ngakho, uma umuntu osesikhundleni esiphezulu engathi kuwe, “Ngicela ungibize ngegama,” nakanjani ubuyozizwa umkhulu.

UNKULUNKULU weqiniso usitshela lokhu eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Nakuba enezinye iziqu eziningi abizwa ngazo, njengesithi “uMdali,” “uMninimandla onke” nesithi “iNkosi EnguMbusi,” kusukela kudala uye wanikeza izinceku zakhe eziqotho ilungelo elikhulu lokuba zimbize ngegama lakhe.

Ngokwesibonelo, lapho umprofethi uMose enxusa uNkulunkulu waqala ngokuthi: “Uxolo, Jehova.” (Eksodusi 4:10) Lapho kunikezelwa ithempeli eJerusalema, iNkosi uSolomoni yaqala umthandazo wayo ngala mazwi: “O Jehova.” (1 AmaKhosi 8:22, 23) Nalapho umprofethi u-Isaya ekhuluma noNkulunkulu emelele abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Wena Jehova, unguBaba wethu.” (Isaya 63:16) Ngokusobala, uBaba wethu osezulwini ufuna simbize ngegama lakhe.

Nakuba ukubiza uJehova ngegama kubalulekile, kodwa ukumazi kahle kuhilela okwengeziwe. Kunesithembiso uJehova asithembisa umuntu omthandayo nomethembayo. Uthi: “Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.” (IHubo 91:14) Ngokusobala, ukwazi igama likaNkulunkulu kuhlanganisa izinto eziningi ngoba kuyindlela eyinhloko yokuthola isivikelo sakhe. Yini-ke elindeleke kuwe ukuze umazi kahle uJehova?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela