Kungani Kufanele Sihloniphe Asebekhulile?
OGWINI lwaseCalifornia, e-U.S.A., kunesihlahla esithwetshulwa kakhulu emhlabeni. Siqanjwe ngokuthi iLone Cypress. Lesi sihlahla kuthiwa sesineminyaka engaphezu kuka-250 sikhona. Okuphawulekayo ngaso ukuthi siyakwazi ukubhekana nezimo ezinzima futhi lesi sihlahla esihle siye sanakwa ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, siye saphaswa ngamakhebula futhi sasekelwa ngamatshe phansi asizungezile.
Lesi sihlahla singase sisikhumbuze ngamaKristu asekhulile aphakathi kwethu abonisa ukukhuthazela okuphawulekayo. Enye indlela evelele akwenza ngayo lokhu iwukushumayela izindaba ezinhle. Umprofethi uJoweli wabikezela ukuthi “amaxhegu” ayeyomemezela isigijimi seBhayibheli. (Jow. 2:28-32; IzE. 2:16-21) Cabanga nje ngamahora amaningi achithwa yilaba asebekhulile besiza abanye ngobuqotho ukuba bafunde ‘ngezindaba ezinhle zombuso’! (Math. 24:14) Abanye balaba bamemezeli boMbuso asebekhulile baye bakhuthazelela ushushiso nobunye ubunzima iminyaka eminingi. Uma abantu bekwazi ukuqaphela isihlahla ngoba sikwazi ukubhekana nezimo ezinzima futhi basiphase ngamatshe nangamakhebula, bakufanelekela kangakanani-ke asebekhulile abaphakathi kwethu ukuphathwa ngenhlonipho nokunikezwa isithunzi!
UJehova uNkulunkulu wayala abantu bakhe basendulo: “Kufanele usukume phambi kwempunga, ubonise ukucabangela ixhegu.” (Lev. 19:32) Phakathi kwezinceku zikaJehova namuhla, sithola izibonelo ezinhle kakhulu zabantu abathembekile abebelokhu ‘behamba noNkulunkulu’ amashumi eminyaka. (Mika 6:8) Njengoba beqhubeka besebenzisa izimiso ezingokomBhalo, ubumpunga babo buba “umqhele wobuhle” ngempela.—IzAga 16:31.
Umphostoli uPawulu wayala uThimothewu osemusha: “Ungayikhaci indoda endala.” Kunalokho, kwakufanele ‘ayincenge njengoyise’ futhi ‘abesifazane abadala njengawonina.’ (1 Thim. 5:1, 2) Empeleni, uThimothewu kwakufanele ‘asukume’ phambi kwempunga. Ngakho-ke, kusobala ukuthi uJehova ulindele ukuba sibonise ukuthi siyabahlonipha ngendlela esikhuluma nabo ngayo.
AmaRoma 12:10 athi: “Ekubonisaneni udumo nihole.” Ngokuqinisekile, ababonisi ebandleni babonisa amaKristu asekhulile udumo. Kodwa sonke kufanele sihole ekubonisaneni udumo.
Yebo, kuwumthwalo wemfanelo wamalungu omkhaya ngokukhethekile ukunakekela abazali nogogo nomkhulu bawo. Abantu baye bafuna izindlela zokulondoloza iLone Cypress, futhi bayaqhubeka benza lokhu. Ngokuqinisekile, nathi kufanele sifune izindlela zokusiza abazali asebekhulile, ogogo nomkhulu bethu ukuba bahlale benesithunzi. Ngokwesibonelo, ukuba isilaleli esihle kuyosenza singaphikeleli ekwenzeni izinto ngendlela yethu ngaphandle kokucabangela imizwa yabo.—IzAga 23:22; 1 Thim. 5:4.
Asebekhulile abaphakathi kwethu bayigugu kakhulu kuJehova. Akabashiyi. (IHu. 71:18) Empeleni, uNkulunkulu weqiniso uyabaqinisa ukuze baqhubeke bemkhonza ngokwethembeka. Kwangathi nathi singaqhubeka sibasekela futhi sibahlonipha asebekhulile.
[Izithombe ekhasini 7]
Njengoba nje iLone Cypress idinga ukusekelwa, kudingeka sihloniphe asebekhulile futhi sibanike isithunzi
[Umthombo]
American Spirit Images/age fotostock