Inkulumo Yeningi Ekhethekile
Ingabe Kunenkolo Eyodwa Yeqiniso Ngokombono KaNkulunkulu?
Abantu abaningi balandela inkolo yakubo. Abanye bazikhethela indlela yokukhulekela kamuva ekuphileni. Ngempela ziningi izinkolo umuntu angakhetha kuzo. Mhlawumbe wake wazibuza, ‘Ingabe kunendaba ngempela ukuthi ngikuyiphi inkolo?’
Lowo mbuzo uzophendulwa enkulumweni yeningi enesihloko esithi “Ingabe Kunenkolo Eyodwa Yeqiniso Ngokombono KaNkulunkulu?” Le nkulumo yeBhayibheli iyonikezwa emhlabeni wonke emazweni angaphezu kuka-230. Ezindaweni eziningi, iyonikezwa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova ngeSonto, April 26, 2009. OFakazi endaweni yangakini bayokujabulela ukukutshela isikhathi nendawo efanele. Umenywa ngokufudumele ukuba ube khona.