Ingabe Uyakhumbula
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Bona ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Singalukhuluma kanjani ngokushelelayo ‘ulimi oluhlanzekile,’ oluyiqiniso ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe? (Zef. 3:9)
Njenganoma iluphi ulimi, ukuze sikhulume ‘ulimi oluhlanzekile’ ngokushelelayo, kudingeka silalelisise, silingise izikhulumi eziqephuzayo, sibambe ngekhanda amagama ezincwadi zeBhayibheli namavesi athile, siphindaphinde izinto esizifundayo, sifunde ngokuzwakalayo, sihlaziye uhlelo lolimi lweqiniso, silwele ukuthuthuka, sibeke izikhathi zokutadisha futhi ‘silukhulume’ njalo.—8/15, amakhasi 21-25.
• Yiziphi ezinye izinto ezihilelekile ekwazini ukuthi uNkulunkulu unjani?
Ukwazi ukuthi ‘unguJehova igama lakhe,’ futhi ufuna simazi ngalelo gama. (Eks. 15:3) ‘UnguNkulunkulu wothando nokuthula.’ (2 Kor. 13:11) “UnguNkulunkulu wolwazi” ‘nowensindiso.’ (1 Sam. 2:3; IHu. 25:5) UNkulunkulu uyosondela kulabo abamazi ngaleyo ndlela.—9/1, amakhasi 4-7.
• Umqondo ‘wentambo emicu mithathu’ ungasebenza kanjani emshadweni?
Inkulumo ethi ‘intambo emicu mithathu’ ingokomfanekiso. (UmSh. 4:12) Lapho isetshenziswa emshadweni, ihlanganisa indoda nomfazi, imicu emibili, ethandelene nomucu obaluleke kakhulu, uNkulunkulu. Ukuba munye noNkulunkulu kunikeza umbhangqwana amandla angokomoya okubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga futhi uthole injabulo.—9/15, ikhasi 16.
• ‘Ukubeka izandla’ okusencwadini yamaHebheru 6:2 kubhekiselaphi?
Kunokuba kubhekisele ekumisweni kwabadala abangamaKristu, kungenzeka ukuthi kubhekisele ekubekeni izandla kumuntu othile ngenjongo yokudlulisela izipho zomoya ongcwele ezimangalisayo. (IzE. 8:14-17; 19:6)—9/15, ikhasi 32.
• Iziphi izidingo zabantabakhe ubaba onothando aziqaphelayo?
Ezinye zezinto abazidingayo (1) uthando lwakhe, (2) isibonelo sakhe esihle, (3) isimo sasekhaya esijabulisayo, (4) ukufundiswa izindinganiso ezingokomoya, (5) isiyalo (6) nokuvikelwa.—10/1, amakhasi 18-21.
• Abaholayo bangababonisa kanjani abanye udumo?
Enye indlela umdala angakwenza ngayo lokhu iwukuba angaceli abanye ukuba benze izinto yena angazimisele ukuzenza. Ubonisa abanye udumo nangokusho izizathu zezinto acela ukuba bazenze noma zeziqondiso azinikezayo.—10/15, ikhasi 22.
• Iziphi ezinye zezihluthulelo zokulondoloza ukuzibophezela emshadweni?
Ezimbili yilezi: (1) Umshado wakho mawube into ebalulekile ekuphileni kwakho. (2) Gwema zonke izinhlobo zokungathembeki. Kungakhathaliseki ukuthi umshado wakho uqinile noma unezinkinga, oshade naye kudingeka azi ukuthi uzibophezele ekwenzeni umshado wenu uphumelele; lezo zihluthulelo ezimbili ziyonisiza.—11/1, amakhasi 18-21.
• Yini umdala angayifunda endleleni umalusi ongumIsrayeli ayesebenzisa ngayo ingobe?
Umalusi wayesebenzisa ingobe noma induku ende egobile, ukuze aqondise umhlambi. Njengoba izimvu zingena noma ziphuma esibayeni, ‘zazidlula ngaphansi kwengobe’ futhi wayekwazi ukuzibala. (Lev. 27:32) Ngokufanayo, umalusi ongumKristu kudingeka awazi umhlambi kaNkulunkulu awuphathisiwe futhi azi nesimo semvu ngayinye.—11/15, ikhasi 9.
• Umama angabonisa kanjani ukuthi ubheka inhlanzeko njengebalulekile?
Ukudla kungangcoliswa izinto ezihlukahlukene, ngakho ugeza izandla ngaphambi kokuthinta ukudla futhi ukugcina kumboziwe. Ugcina indlu ihlanzekile ukuze angabi khona amagundane nezinambuzane. Ezinye izinyathelo zihlanganisa ukugcina izingubo zihlanzekile nokugeza umzimba njalo. Izinyathelo ezinjengalezi zivumelana neBhayibheli.—12/1, amakhasi 9-11.