Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 10/1 k. 26
  • Izinyembezi Egabheni Lesikhumba

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinyembezi Egabheni Lesikhumba
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sivikele Isikhumba Sakho!
    I-Phaphama!—2005
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2005
  • Isikhumba Senyoka
    I-Phaphama!—2014
  • UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 10/1 k. 26

Izinyembezi Egabheni Lesikhumba

KKWAKUNENSIZWA eyayingumbaleki. Ikhungethwe ukucindezeleka, ihlengezela izinyembezi, yacela umusa nobubele bukaNkulunkulu wayo uJehova, imncenga: “Faka izinyembezi zami egabheni lakho lesikhumba.” (IHubo 56:8) Leyo nsizwa kwakunguDavide, kamuva owaba iNkosi yakwa-Israyeli. Kodwa laliyini leli gabha lesikhumba ayekhuluma ngalo, futhi uNkulunkulu angazifaka kanjani izinyembezi zethu kulo?

UDavide wayelazi igabha lesikhumba. Lalisetshenziselwa ukugcina amanzi, amafutha, iwayini, noma ngisho nebhotela. Imihambima yaseSahara, njengamaTuareg, isawasebenzisa amagabha esikhumba, enziwe ngesikhumba sembuzi noma semvu kuphela. Kungafakwa amanzi amaningi emagabheni anjalo, kuye ngobukhulu besikhumba saleso silwane. Amagabha esikhumba aziwa ngokugcina amanzi epholile, ngisho nasekushiseni okukhulu kwelanga ogwadule. Esikhathini esidlule, ayethwalwa ngezimbongolo noma ngamakamela. Kulezi zinsuku, ungase ulibone liboshelwe ngaphambili emotweni edonsa ngawo wonke amasondo!

Amazwi kaDavide athinta inhliziyo ngegabha lesikhumba angasho okuthile nakithi. Kanjani? IBhayibheli lichaza ukuthi uSathane ulawula leli zwe futhi ‘uthukuthele kakhulu’ osukwini lwethu. Ngenxa yalokho, umhlaba ubhekene nomaye abasabekayo. (IsAmbulo 12:12) Ngenxa yaleso sizathu, baningi abanjengoDavide, ababhekene nokuhlupheka okungokomzwelo, okungokwengqondo noma okungokomzimba—ikakhulukazi labo abazama ukuthokozisa uNkulunkulu. Ingabe lokho kuchaza wena? Ngesibindi, ‘ngisho nokukhala impela,’ abantu abanjalo abathembekile abayeki ukuzama ukuphila ngokwethembeka. (IHubo 126:6) Bangaqiniseka ngokuthi uYise wasezulwini akaboni ukuvivinywa ababhekene nakho kuphela kodwa nokucindezeleka okungokomzwelo okubangelwa yilokho kuvivinywa. Uyabuqonda ngempela ubuhlungu bezinceku zakhe, futhi uzikhumbula ngozwela izinyembezi nokuhlupheka kwazo, azigcine egabheni lesikhumba ngokomfanekiso.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela