Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 10/1 k. 15
  • “Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umuntu Angaba Kanjani Umfanekiso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Yibani ‘Nobubele Besisa’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Isimo SikaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2013
  • “IZwi LikaNkulunkulu Liphilile, Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 10/1 k. 15

Sondela KuNkulunkulu

“Yibani Ngabalingisi BakaNkulunkulu”

Efesu 4:32–5:2

UMUSA. Uzwela. Ukuthethelela. Uthando. Ngokudabukisayo, akuvamile ukubona abantu bebonisa lezi zimfanelo ezinhle namuhla. Kuthiwani ngawe? Wake waba nawo umuzwa wokuthi umzamo wakho wokuhlakulela izimfanelo ezinhle uyabhuntsha? Inhliziyo ezilahlayo ingase iphikelele ngokuthi izithiyo ezithile, njengemikhuba emibi egxilile noma izinto ezibuhlungu umuntu abhekana nazo esikhathini esidlule, zikwenza ungakwazi ukuhlakulela izimfanelo ezikhangayo. Kodwa, iBhayibheli lifundisa leli qiniso eliqinisekisayo—uMdali wethu uyazi ukuthi ekujuleni kwenhliziyo sinekhono lokuhlakulela izimfanelo ezinhle.

IZwi likaNkulunkulu liyala amaKristu eqiniso: “Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 5:1) Lawo mazwi ayisibonakaliso esiphawulekayo sendlela uNkulunkulu abethemba ngayo abakhulekeli bakhe. Kanjani? UJehova uNkulunkulu wadala umuntu ngomfanekiso waKhe, wafana naye. (Genesise 1:26, 27) Ngakho uNkulunkulu wanika abantu izimfanelo ezifana nezakhe.a Khona-ke, uma iBhayibheli likhuthaza amaKristu ukuba ‘abe abalingisi bakaNkulunkulu,’ kunjengokungathi uJehova ngokwakhe uthi: ‘Ngiyanethemba. Ngiyazi ukuthi nakuba ningaphelele, ninekhono lokuba njengami ngezinga elithile.’

Iziphi ezinye izimfanelo zikaNkulunkulu esingazilingisa? Amavesi azungezile ayaphendula. Phawula ukuthi uPawulu wethula isiyalo sokuba silingise uNkulunkulu ngegama elithi “ngakho-ke.” Leli gama lihlanganisa inkulumo nevesi elandulelayo, elikhuluma ngomusa, ububele besisa nokuthethelela. (Efesu 4:32; 5:1) Khona-ke, evesini elilandela iseluleko sokuba silingise uNkulunkulu, uPawulu utshela amaKristu ukuba aphishekele indlela yokuphila ebonakala ngothando olungenabugovu. (Efesu 5:2) Ngempela, uma kuziwa ekuboniseni umusa, uzwela olufudumeza inhliziyo, ukuthethelela abanye ngokukhululekile nokubonisa uthando, sinesibonelo esikhulu kunazo zonke esingasilingisa—uJehova uNkulunkulu.

Kungani kufanele sifune ukuba njengoNkulunkulu? Phawula isisusa esinamandla esivela emazwini kaPawulu: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” Ingabe lowo akuwona umqondo othinta inhliziyo? UJehova ubheka abakhulekeli bakhe njengabantwana abathanda kakhulu. Njengoba umfana omncane engase azame ukuba njengoyise, amaKristu eqiniso nawo azama okusemandleni awo ukuba afane noYise wasezulwini.

UJehova akabaphoqi abantu ukuba bamlingise. Kunalokho, usibonise udumo ngokusinika inkululeko yokuzikhethela. Ngakho ukuthi uzoba umlingisi kaNkulunkulu noma cha kuyisinqumo sakho. (Duteronomi 30:19, 20) Kodwa ungakhohlwa ukuthi unekhono ngaphakathi kuwe lokubonisa izimfanelo ezinjengezikaNkulunkulu. Yiqiniso, ukuze ulingise uNkulunkulu kumelwe uqale wazi ukuthi unjani. IBhayibheli lingakusiza ukuba ufunde konke ngezimfanelo nezindlela zikaNkulunkulu onobuntu obungenakuqhathaniswa obuye bakhanga izigidi ukuba zibe abalingisi bakhe.

[Umbhalo waphansi]

a EyabaseKolose 3:9, 10 ibonisa ukuthi ukudalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu kuhlobene nezimfanelo zobuntu. Labo abafuna ukuthokozisa uNkulunkulu bakhuthazwa ukuba bembathe “ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo [uNkulunkulu] owabudala.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela