Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 9/1 kk. 16-17
  • “Ujikele Kwesokudla EMfuleni ICoco”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ujikele Kwesokudla EMfuleni ICoco”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukophulwa Esiphephweni Esibulalayo!
    I-Phaphama!—1999
  • Isibusiso SikaJehova Singicebisile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Amagugu Echibi Elikhulu LaseMelika Ephakathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ngisekelwa NguJehova Nsuku Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 9/1 kk. 16-17

Incwadi Evela ENicaragua

“Ujikele Kwesokudla EMfuleni ICoco”

“UZODINGA imoto edonsa ngawo wonke amasondo, indophi kanye namagalani engeziwe kaphethiloli. Kulungele ukubhajwa odakeni oluvala amasondo. Ujikele kwesokudla eMfuleni iCoco.”

Kumelwe ngivume ukuthi la mazwi esithunywa sevangeli engangisebenza naso angenza ngangazethemba nakancane. Noma kunjalo, ngolunye uLwesibili ekuseni ngaqala uhambo lwami lokuya emhlanganweni wobuKristu eWamblán, idolobhana elisenyakatho yeNicaragua.

Ngasuka entathakusa, ngihamba ngeveni yami endala kodwa eyayiqinile emgwaqweni omkhulu iPan-American Highway. EJinotega, ngathatha umgwaqo webhuqu abantu bendawo abathi i-feo, noma omubi. Ngaphambi kokuphuma edolobheni, ngaphawula izitolo ezimbili, esinye okuthiwa iSimangaliso SikaNkulunkulu nesinye okuthiwa uVuko.

Umgwaqo wawumazombezombe, unezindawo ezehlelayo neziwumqansa. Ngangihamba kancane nginqamula izihosha. Indlela yayigudla ichibi elikhulu elisesigodini esiphezulu entabeni ephakeme esithwa amafu. Enkungwini, ngabona izihlahla zama-orchid kanye nolwelwe i-Spanish moss.

Ejikeni elithile elibi, kwasala kancane ukuba ngishayisane nebhasi engangiphambana nalo elaligcwele umgwaqo. Lalikhafula intuthu emnyama, futhi amasondo alo ayekhipha amatshe njengoba lidlula. Lapha eNicaragua, ungalibona ngokucacile igama eliyisifekethiso lomshayeli webhasi onolaka: uMnqobi, uFezela, iNhlwathi, noma uMzingeli.

Emini ngase nginqamula eThafeni lasePantasma. Lapho, ngadlula indlu yamapulangwe enegceke elingenabo utshani. Kwakusengathi ngibona isithombe encwadini endala: Kwakunekhehla elihleli ebhentshini, inja ilele emthunzini kanye nezinkabi ezimbili ezaziboshelwe enqoleni enamasondo amapulangwe. Kwelinye idolobhana elincane, ngabona isixuku sezingane ezaziphuma esikoleni. Njengoba zazigqoke umfaniswano wazo oluhlaza ngokumnyama, zazigcwele umgwaqo omkhulu ziyisinyokotho.

Lalikhipha umkhovu etsheni njengoba ngisondela eWiwilí sengiqala nokubona umfula iCoco. Lo mfula omkhulu uwumbukwane kuleli dolobhana njengoba ugeleza ngamandla. Ngikhumbula iziqondiso engangizinikiwe, ngajikela kwesokudla ngathatha umzila osabekayo ongamakhilomitha angu-37 olibangise eWamblán.

Njengoba ngihamba phezu kwamatshe, izisele nezikhisi, iveni yanqamula imihosha engu-8 noma engu-9. Ngenxa yokuthi ngangizama ukugwema imisele phakathi kodaka olomile, kwakusuka uthuli. Yebo, njengoba abantu bendawo besho, “ngadla uthuli.” Ekugcineni, lo mzila waphela, futhi laphaya esigodini esinehlathi elimnyama kwakunendawo engangilibangise kuyo, eWamblán.

Kubonakala sengathi wonke umuntu wavuka ngo-4:30 ekuseni ngakusasa. Njengoba ngangisheshe ngaphaphama ngenxa yokukhala kwamaqhude, ngavuka ngathi ukuhambahamba emgwaqweni omkhulu. Umoya oqhamuka entabeni wawugcwele iphunga lama-tortilla ayebhakwa kohhavini bamatshe.

Ezindongeni lapha nalaphaya kwakunemifanekiso egqamile yepharadesi edwetshwe umdwebi wendawo. Kwakunezimpawu zama-pulpería, noma izitolo ezisemakhoneni, ezazikhangisa ngeziphuzo ezihlukahlukene. Kwakunezithombe ezinkulu ezikhumbuza abantu ngezithembiso zohulumeni abathathu abadlule. Kwakunemijondolo kathayela enezisekelo zikakhonkolo.

Ngangibingelela kuqala ngendlela abavalelisa ngayo abantu baseNicaragua ethi Adiós. Abantu babemomotheka bakhulume nami ngendlela enobungane. Sasikhulumela phezulu ngenxa yomsindo emgwaqweni—ukugabavula kwamahhashi nezimbongolo.

NgoLwesihlanu ntambama, kwafika imikhaya ize emhlanganweni wezinsuku ezimbili. Yafika ihamba ngezinyawo, ngamahhashi nangamaloli. Abafana namantombazane athile babehambe amahora ayisithupha begqoke izimbadada zepulasitiki. Babezifake engozini yokunyathela iziqhumane lapho bewela imifula nokulunywa iminyundu emanzini. Abanye ababevela kude bafika bephethe ingcosana yomphako—irayisi eliphekwe ngamafutha engulube. Babezokwenzani bonke laba bantu?

Babezoqinisa ithemba labo lekusasa elingcono. Babezolalela lapho bechazelwa ngeBhayibheli. Babezothokozisa uNkulunkulu.

UMgqibelo wafika. Ngaphansi kompheme kathayela, kwakunezilaleli ezingaphezu kuka-300 zihleli emabhentshini amapulangwe nasezihlalweni zepulasitiki. Omama babefunza abantwana. Kwakukhala izingulube namaqhude epulazini eliseduze.

Izinga lokushisa lenyuka, futhi ngokushesha ukushisa cishe kwakungasabekezeleleki. Kodwa izilaleli zalalelisisa iseluleko nesiqondiso esasinikezwa. Zazihambisana nezikhulumi lapho kufundwa imibhalo yeBhayibheli, zihlabelela izingoma ezisekelwe eBhayibhelini futhi zilalela ngenhlonipho lapho kuthandazwa.

Ngemva kwesimiso, ngahlanganyela nabanye ekudlaleni umajahana nezingane. Kamuva sabukeza amaphuzu izingane ezaziwabhalile. Ngazibonisa imifanekiso yezinkanyezi nemithala kuyi-computer yami. Izingane zazimomotheka, nabazali bazo bejabule.

Ngokushesha, umhlangano waphela, futhi wonke umuntu kwadingeka ukuba abuyele ekhaya. Ngahamba ngakusasa ekuseni, nginezinkumbulo ezijabulisayo nenhliziyo echichima uthando ngabangane bami abasha. Ngizimisele ukubalingisa futhi ngifunde indlela yokwaneliseka nokulindela uNkulunkulu.

[Izithombe ekhasini 17]

Imikhaya yahamba ibanga elide iya emhlanganweni eWamblán

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela