Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w08 7/1 k. 3
  • Lapho Kushona Othandekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kushona Othandekayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhekana Nosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
  • Kungokwemvelo Yini Ukuzizwa Ngale Ndlela?
    Lapho Ufelwa Othandekayo
  • Ukubhekana Nokufelwa
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
w08 7/1 k. 3

Lapho Kushona Othandekayo

NgoLwesibili kusihlwa, ngo-July 17, 2007, cishe ngehora lesi-7, indiza ethwele abagibeli yashelela esikhumulweni sezindiza esimatasa kakhulu eBrazil, enkabeni yeSão Paulo. Le ndiza yanqamula emgwaqweni omkhulu yayongena esakhiweni okugcinwa kuzo izimpahla. Kwafa abantu abangaba ngu-200 kuleyo ngozi.

LE NGOZI eyachazwa njengenhlekelele yendiza embi kunazo zonke eBrazil ayisoze yalibaleka kulabo abashonelwa abathandekayo. UClaudete wayephakathi kwalabo abashonelwa. Wayebukele i-TV lapho ezwa ngezindaba zokuphahlazeka kwale ndiza. Indodana yakhe uRenato, yayikule ndiza. Yayineminyaka engu-26 kuphela. Yayihlele ukushada ngo-October. Ekhungathekile, uClaudete wazama ukuyithinta ngomakhalekhukhwini, kodwa ayiphendulanga. Wawela phansi wakhihla isililo.

U-Antje washonelwa isoka lakhe engozini embi yemoto ngo-January 1986. Lapho ezwa ngalokhu, washaqeka kakhulu. “Ngaqale ngangakholwa. Ngangicabanga ukuthi ngihlaselwe iphupho elibi futhi ngokushesha nje ngizovuka ngithole ukuthi akulona iqiniso. Ngangiqhaqhazela futhi ngizwa ubuhlungu obukhulu njengokungathi othile ungishaye esiswini.” Kwaphela iminyaka emithathu u-Antje ecindezelekile. Nakuba sekwaphela iminyaka engaphezu kwengu-20 kwenzeka leyo ngozi, usaqhaqhazela uma ekhumbula okwenzeka.

Amazwi nje awakwazi ukuveza imizwa yokushaqeka, ukungakholwa, ukuba ndikindiki nokuphelelwa ithemba okubangelwa ukulahlekelwa okunjalo okubuhlungu futhi okungalindelekile. Nokho, ngisho nalapho kulindelekile ukuba othandekayo afe, njengalapho esenesikhathi eside egula, usizi lusengaba lukhulu. Akukho muntu osuke ekulindele ngokuphelele ukufa kothandekayo. Umama kaNanci washona ngo-2002 ngemva kokugula isikhathi eside. Kodwa ngosuku ashona ngalo, uNanci wahlala phansi esibhedlela eshaqeke kakhulu. Kwabonakala sengathi ukuphila kwakhe akusenanjongo. Sekuphele iminyaka emihlanu, kodwa usakhala lapho ecabanga ngonina.

UDkt. Holly G. Prigerson wathi: “Abantu abakukhohlwa ukulahlekelwa, bamane nje bazijwayeze ukuphila naleso simo.” Uma ushonelwe othandekayo, kungakhathaliseki ukuthi ukulindele noma awukulindele, ungase uzibuze: ‘Ingabe kungokwemvelo ukuba lusizi? Umuntu angabhekana kanjani nokushonelwa othandekayo? Ingabe ngiyophinde ngimbone?’ Isihloko esilandelayo sizophendula le mibuzo neminye okungenzeka unayo.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

EVERTON DE FREITAS/AFP/Getty Images

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela