Ingabe Uyakhumbula?
Ukujabulele yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Bamvakashela nini uJesu ababhula ngezinkanyezi?
Olunye uhlelo lweBhayibheli luthi: “IZazi azizange zivakashele uJesu esemkhombeni ngobusuku azalwa ngabo njengoba kwenza abelusi. Zeza ngemva kwezinyanga ezithile.” Ngaleso sikhathi uJesu ‘wayengumntwana’ futhi ehlala endlini. (Math. 2:7-11) Ukube ababhula ngezinkanyezi banika uJesu igolide nezinye izipho eziyigugu ngobusuku azalwa ngabo, ingabe uMariya wayeyonikela ngezinyoni ezimbili nje ethempelini ngemva kwezinsuku ezingu-40?—1/1, ikhasi 31.
• Yini abaningi abangayenza ukuze bacebise ukuphila kwabo?
Omunye angase abuze, ‘Ingabe ngingazishintsha izimo zami futhi ngenze ukuphila kwami kube lula?’ U-Amy wakwenza lokho. Wayemi kahle ngokwezimali kodwa engajabule. Waqaphela ukuthi wacishe waduka okholweni ngenxa yokuphishekela umsebenzi kuleli zwe. Ngakho, wanquma ukubeka izithakazelo zoMbuso kuqala futhi wakwazi ukuphayona isikhathi esithile. U-Amy uthi, “Manje nginomuzwa wokwaneliseka engingazange ngibe nawo” lapho ngisaphishekela imigomo yezwe.—1/15, ikhasi 19.
• Yini engase isize omama abathile ukuba bathole ukwaneliseka?
Omama abaningi bayasebenza. Abanye basebenza ukuze banakekele izidingo eziyisisekelo zemikhaya yabo, kanti abanye basebenza ukuze bazimele ngokwezimali noma bakhokhele izinto zokunethezeka. Kanti abanye basebenza ngoba bayawujabulela umsebenzi wabo. Omama abangamaKristu banendima ebalulekile ekhaya—ikakhulukazi lapho umntwana esewusana. Abanye baye bakhetha ukunciphisa isikhathi sokusebenza noma ukuwuyeka umsebenzi wabo ukuze bawunakekele kakhudlwana umkhaya, futhi lokhu kuye kwabalethela ukwaneliseka okukhulu.—2/1, amakhasi 28-31.
• Isiphi ‘isizukulwane’ uJesu ayebhekisele kuso lapho esho amazwi akuMathewu 24:34?
Ngokuvamile uJesu wayesebenzisa elithi ‘isizukulwane’ ngomqondo ongathandeki lapho ekhuluma nabantu ababi noma ekhuluma ngabo. Kodwa akalisebenzisanga ngalo mqondo lapho ekhuluma nabafundi bakhe, abase bezogcotshwa ngomoya ongcwele. Yibona ababeyokwazi kangcono ukufinyelela iziphetho okukhulunywa ngazo kuMathewu 24:32, 33. Ngakho, kubonakala sengathi uJesu wayebhekisele kubalandeli bakhe abagcotshiwe, ekhulwini lokuqala nasekugcwalisekeni kwanamuhla kwamazwi akhe.—2/15, amakhasi 23-4.
• Njengoba kuboniswe kwabaseGalathiya 3:24, uMthetho wawuwumfundisi ngayiphi indlela?
Ngokuvamile umfundisi wasendulo kwakuyisigqila esinokwethenjelwa esasiqinisekisa ukulondeka komntwana nokubona ukuthi izifiso zikababa ziyahlonishwa. Ngendlela efanayo, uMthetho wawuvikela amaJuda emathonyeni onakalisayo, njengokuganiselana namaqaba. Kodwa njengomfundisi womntwana, uMthetho wawungowesikhashana futhi wasebenza kwaze kwafika uKristu.—3/1, amakhasi 18-21.
• Ngokuvumelana noJakobe 3:17, iziphi izimfanelo okufanele sizibonise?
Ukuze sibe msulwa kudingeka sizenqabe ngokushesha izinto ezimbi. (Gen. 39:7-9) Kufanele futhi sibe nokuthula, sigweme ulaka noma izenzo ezingaphazamisa ukuthula. Ngakho, ngamunye wethu wenza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngaziwa njengomenzi wokuthula noma njengomphazamisi wokuthula? Ingabe ngivame ukungezwani nabanye? Ingabe ngicasuka kalula noma ngicasule abanye? Noma ingabe ngiyashesha ukuthethelela futhi ngingasheshi ukufuna ukuba kulandelwe izindinganiso zami?’—3/15, amakhasi 24-5.
• Kungani uJesu awavula kancane kancane amehlo endoda eyayiyimpumputhe? (Marku 8:22-26)
IBhayibheli aliyinikezi impendulo ngokuqondile. Nokho, kungenzeka ukuthi kulokhu, ngokuwavula kancane kancane amehlo endoda eyimpumputhe, uJesu wayeyinika ithuba lokujwayela isimo sayo esisha. Lokhu kwakungabonisa ukuthi uJesu wayeyikhathalela ngothando le ndoda eyimpumputhe.—4/1, ikhasi 30.