Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
Akuyena uNkulunkulu obangela ukuhlupheka kwabantu. IBhayibheli lithi: “Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala!” (Jobe 34:10) Khona-ke, ubani ongumbangeli oyinhloko wokuhlupheka?
UJesu wabiza uSathane ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 14:30) Yiqiniso, uJehova unguMbusi Wendawo Yonke. Leso sikhundla akasoze asinika omunye. Kodwa sekuyisikhathi esithile uNkulunkulu evumele uSathane ukuba abuse iningi lesintu.—1 Johane 5:19.
USathane uye waba hlobo luni lombusi? Kusukela aqala ukuthintana nesintu, uSathane ubengumbulali nomkhohlisi. USathane ubangela umonakalo omkhulu emphakathini wesintu. UJesu wamlahla ngala mazwi: “Yena wayengumbulali wabantu kusukela ekuqaleni, akazange ame aqine eqinisweni, ngoba iqiniso alikho kuye. Lapho ekhuluma amanga, ukhuluma ngokuvumelana nesimo sakhe, ngoba ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44) UJesu wabuye wathi abantu ababefuna ukumbulala babengabantwana balo mbulali wokuqala. Babezenza abantwana bakhe ngokuziphatha njengaye. Ukhamba lufuze imbiza.
USathane usafaka umqondo wokubulala ezinhliziyweni zabantu. Ngokwesibonelo, uR. J. Rummel, uprofesa osewathatha umhlalaphansi wase-University of Hawaii, e-U.S.A., ulinganisela ukuthi kusukela ngo-1900 kuya ku-1987, ohulumeni abahlukahlukene babulala abantu abangu-169 198-000 phakathi nezinxushunxushu zezombangazwe, ukuqothulwa kwesizwe nezenzo zobudlova ezingakhethi. Lelo nani labafa alihlanganisi amashumi ezigidi ezabulawa empini phakathi nenkathi efanayo.
Uma uNkulunkulu engakubangeli ukuhlupheka, kungani ekuvumela? Kungenxa yokuthi kunezimpikiswano zendawo yonke zokuziphatha, ezaqubuka esikhathini eside esidlule, okusafanele zixazululwe. Ake sibheke eyodwa nje kuzo.
Ekuqaleni komlando wesintu, u-Adamu no-Eva bathatha uhlangothi lukaSathane. Benqaba ukubusa kukaNkulunkulu, bakhetha ukuzibusa, empeleni okwakuwukubuswa uDeveli.—Genesise 3:1-6; IsAmbulo 12:9.
Ubulungisa bukaJehova babufuna ukuba kudlule isikhathi ukuze kunqwabelane ubufakazi. Yisiphi isiphetho esingenakugwenywa? Ukubusa komuntu ngaphansi kwethonya likaSathane kubangela ukuhlupheka kuphela. Yebo, ukuvumela kukaNkulunkulu isikhathi kuye kwazuzisa umuntu ekugcineni. Kanjani? Labo abahlola ubufakazi futhi babukholelwe banethuba lokubonisa ukuthi bazimisele ukubuswa uNkulunkulu. Labo abafunda izindinganiso zikaNkulunkulu futhi baphile ngazo banethuba lokuphila phakade.—Johane 17:3; 1 Johane 2:17.
Kuyiqiniso ukuthi okwamanje uSathane ulawula leli zwe. Kodwa ngeke kuqhubeke isikhathi eside. Maduze uJehova uzosebenzisa iNdodana yakhe ukuze ‘abhidlize imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu, uJesu uyoduduza abanhliziyo zaphukileyo, aqede nosizi. Uyovusa ekufeni izigidi zabantu abaye bahlupheka futhi bafa phakathi namakhulu eminyaka.—Johane 11:25.
Ukuvuswa kukaJesu kuyisibonelo sokunqoba kukaNkulunkulu imisebenzi kaDeveli—isibonakaliso salokho okuzokwenzelwa abantu abakhetha ukubusa kukaNkulunkulu. (IzEnzo 17:31) IBhayibheli ligxilisa izingqondo zethu kuleso sikhathi esizayo ngala mazwi aduduzayo: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nabantu]. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.