Lapho AmaKristu Ehlungwa Njengokolweni
NGAPHAMBI nje kokufa kwakhe, uJesu waxwayisa abafundi bakhe: “Bheka! uSathane uyanifuna ukuze anihlunge njengokolweni nina madoda.” (Luka 22:31) Wayesho ukuthini?
Osukwini lukaJesu, ukuvuna ukolweni kwakuthatha isikhathi esiningi futhi kuwumsebenzi omkhulu. Okokuqala, abavuni babeqoqa izinhlanga zikakokweni ensimini. Ngemva kwalokho, babezibhula endaweni eqinile noma basebenzise isihlibhi esibhulayo esidonswa izinkomo ukuze zizifohloze. Le nqubo yayihlukanisa izinhlamvu ezinhlangeni nasemakhobeni. Ngemva kwalokho, abalimi babekuphonsa emoyeni konke lokhu. Izinhlamvu eziphelele zaziwela phansi esibuyeni, amakhoba apheshulwe umoya. Ekugcineni, izinhlamvu zazihlungwa ngokucophelela ukuze kukhishwe noma yini engafuneki.
Ngokuvumelana namazwi kaJesu, uSathane wabahlasela ngokungaphezi abafundi bakaJesu ngaleso sikhathi, futhi uyasihlasela nathi namuhla. (Efe. 6:11) Yiqiniso, akubona bonke ubunzima esibhekana nabo ekuphileni obubangelwa uSathane ngokuqondile. (UmSh. 9:11) Noma kunjalo, uSathane umagange ukusebenzisa noma yini ukuze aphule ubuqotho bethu. Ngokwesibonelo, angase asilinge ukuba siphishekele izinto ezibonakalayo, sikhethe ukuzijabulisa okulimazayo, noma siziphathe kabi ngokobulili. Angase asebenzise nabantu esibajwayele esikoleni noma emsebenzini nezihlobo ezingakholwa ukuze asicindezele ukuba sikuphishekele ngokugcwele konke leli zwe elingakunikeza ngokuqondene nemfundo nomsebenzi. Ngaphezu kwalokho, uSathane angase asebenzise ushushiso oluqondile ukuze azame ukuphula ubuqotho bethu kuNkulunkulu. Yebo, ziningi ezinye izindlela uSathane azisebenzisayo ukuze asihlunge.
Singamelana kanjani nalesi sitha esinamandla? Asinakumelana naso ngawethu amandla. USathane unamandla kunathi; kodwa siyazi ukuthi uJehova unamandla amakhulu kakhulu kunoSathane. Uma sithembela ngokugcwele kuJehova, sikuthandazela ngobuqotho ukuhlakanipha nesibindi sokukhuthazela, futhi sincika ngokugcwele esiqondisweni sakhe, uyosiqinisa ukuze simelane nokuhlasela kukaSathane.—IHu. 25:4, 5.
Lapho sivivinywa, kudingeka sibe nekhono ‘lokuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile,’ ngaleyo ndlela sigweme ukudukiswa amacebo kaSathane. (Heb. 5:13, 14) UJehova angasisiza ukuba sihlakulele lelo khono. Ngemva kwalokho, kudingeka sinamathele enkambweni efanele, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Uma sisilalela isiqondiso sikaJehova, uyohlale ekusekela ukuzimisela kwethu ngesibindi ukwenza okulungile.—Efe. 6:10.
USathane angase azame ukusihlunga njengokolweni. Kodwa ngamandla kaJehova singamelana naye, siqinile okholweni. (1 Pet. 5:9) Yebo, iZwi likaJehova liyasiqinisekisa: “Melanani noDeveli khona-ke uyonibalekela.”—Jak. 4:7.