Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 12/15 k. 32
  • “Isipho Sakho Esiyigugu Kakhulu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Isipho Sakho Esiyigugu Kakhulu”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 12/15 k. 32

“Isipho Sakho Esiyigugu Kakhulu”

YILEYO ndlela owayengundunankulu waseBelgium ayichaza ngayo incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.a Umakhelwane onobungane wamvakashela, futhi lesi sikhulu samukela ikhophi yale ncwadi. Kamuva, sabhala incwadi yokubonga: “Ukungivakashela kwakho okunobungane kungithintile ngempela, futhi singihlabe umxhwele nakakhulu isipho sakho esiyigugu: incwadi ekhuluma ‘ngoMuntu Omkhulu Kunabo Bonke.’”

Lo owayengundunankulu wayeyihlaziyile le ncwadi futhi waphetha ngokuthi: “Ukube abantu bebengaba nesithakazelo kakhudlwana esigijimini seVangeli futhi basebenzise izimiso zikaJesu Kristu, izwe lanamuhla beliyohluka ngokuphelele. Kanjalo besingeke siwudinge uMkhandlu Wokuphepha; bekungeke kube khona ukuhlasela kwamaphekula, futhi ubudlova bebuyophela nya ezweni.” Nakuba avuma ukuthi lokhu kwakubonakala kuwukuzikhohlisa, wabonisa inhlonipho ngesenzo esihle sikamakhelwane wakhe.

Le ncwadi yaqhubeka: “Uyilungu leqembu elimangalisayo labantu abenza okuhle abangeqisi ekulindeleni okuhle noma okubi kodwa abanethemba lokungcono, abantu abakholelwa ekuthuthukisweni kwabantu nezinto.”

OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi akuyona imizamo yabantu, kodwa ukuthatha kukaNkulunkulu isinyathelo okuyogcina kulethe izwe elingcono. Bazama ukulingisa umuntu omkhulu kunabo bonke, uJesu Kristu. Ingabe oFakazi BakaJehova bake bakuvakashela muva nje? Cishe ubuyokujabulela ukuxoxa nabo ngomuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila. Futhi bebeyokujabulela ukukunika incwadi eyamhlaba umxhwele kangaka lo owayengundunankulu.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela