Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 12/1 k. 3
  • Umhlaba Ungaba Yini Nobunye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhlaba Ungaba Yini Nobunye?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umkhaya KaJehova ujabulela Ubunye Obuyigugu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Londolozani Ubunye Kulezi Zinsuku Zokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Abantu Emhlabeni Wonke Benziwa Babe Munye—Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ubunye Buwuphawu Lokukhulekela Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 12/1 k. 3

Umhlaba Ungaba Yini Nobunye?

INGABE umhlaba wethu usonqenqemeni lokuthula noma lwenhlekelele? Kubonakala kungenzeka noma ikuphi kulokhu.

Abanye abaholi bezwe basho kugcwale umlomo ukuthi ukuthula embulungeni yonke kuwumgomo ongafinyeleleka—mhlawumbe ngoba ukuvuma ukuthi awunakufinyeleleka kuyinto ethusa kakhulu ukuyicabanga. Ngakolunye uhlangothi, abaningi bayathuthumela lapho becabanga ngemibuzo enjengale: Imaphi amazwe anezikhali ezibulala uyaca? Angalokotha yini azisebenzise? Kungenzekani uma engazisebenzisa?

Umlando ubonisa ukuthi umbango nobandlululo bekulokhu kuthiya noma iliphi ithemba lobunye, futhi ngokuvamile inkolo iye yaba neqhaza elikhulu ekubhebhezeleni izingxabano esikhundleni sokuzidambisa. Intatheli uJames A. Haught iyabhala: “Noma yini ehlukanisa abantu ingabangela inzondo, futhi inkolo ingenye yezinto ezinamandla kakhulu ezihlukanisa abantu. . . . Naphezu kwenkolelo evame kakhulu yokuthi inkolo yenza abantu ‘balunge,’ kusobala ukuthi yenza abantu abathile benze izenzo ezimbi kakhulu.” Umlobi uSteven Weinberg unombono ocishe ufane. Uyabhala: “Yinkolo kuphela engenza abantu abalungile benze okubi.”

Likhona yini ithemba lokuthi umhlaba wethu uyoke ube nobunye? Yebo! Kodwa njengoba sizobona, ubunye bomhlaba abunakulethwa umuntu noma izinkolo abantu abazenzele zona.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

Ingabe umhlaba unjengesiqhumane esingaqhuma noma nini?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela