“Ngicela Namukele Lesi Sipho Sami Esincane”
LA MAZWI ayebhalwe encwadini eyatholwa ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eRussia. Le ncwadi yayihambisana nebhokisi elikhulu elaligcwele amasokisi ewuli.
Lesi sipho sasithunyelwe u-Alla oneminyaka engu-67 ubudala, omunye woFakazi BakaJehova okhonza ebandleni eliseMpumalanga Ekude eRussia. U-Alla useneminyaka engaphezu kweyishumi ekhonza uJehova, eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngentshiseko. Nokho, washaywa unhlangothi wasala egogekile. Eshukunyiswa uthando, u-Alla uye walingisa uDorka, owesifazane ongumKristu wangekhulu lokuqala, owenzela amanye amakholwa izingubo.—IzEnzo 9:36, 39.
U-Alla wabhala encwadini yakhe: “Imilenze yami ayisanyakazi, kodwa izandla zami zisasebenza. Ngakho ngishumayela ngokubhala izincwadi.” Wanezela: “Nganquma ukuthi njengoba ngisakwazi ukusebenzisa izandla zami, ngizothunga amasokisi ambalwa afudumalayo. Ngingathanda ukuba la masokisi anikezwe abazalwane nodade abazokwakha amaHholo OMbuso ezindaweni ezibandayo, njengaseMpumalanga Ekude naseSiberia.”
Maqondana nabalandeli bakhe beqiniso, uJesu Kristu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Uthando olufana nolwaboniswa u-Alla luwuphawu olubonakalisa abafundi bakaJesu beqiniso.