Uyawasebenzisa Yini Amathuba Okuxoxa Ngezinkolelo Zakho?
“LIKHONA yini iqiniso elimsulwa?” Kwenziwa umncintiswano kazwelonke ePoland wokubhala indaba ngalesi sihloko. Iziyalezo zaleyo ndaba zazithi: “Asilidingi iqiniso elimsulwa. Akekho olidingayo. Kanti-ke nje alikho vele iqiniso elimsulwa.” U-Agata, umfundi wasesikoleni esiphakeme oneminyaka engu-15 ubudala futhi ongomunye woFakazi BakaJehova, wanquma ukusebenzisa leli thuba ukuze atshele abanye ngezinkolelo zakhe.
Lapho elungiselela le ndaba, u-Agata waqale wacela uJehova ukuba amqondise wabe eseqala ukuqoqa ukwaziswa okuphathelene nale ndaba. Wathola ukwaziswa okuhlobene nale ndaba kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 1995. Wacaphuna umbuzo uPontiyu Pilatu awubuza uJesu: “Liyini iqiniso?” (Johane 18:38) Ebhala, wathi lowo mbuzo ubonisa ukuthi uPilatu wayenesimo sengqondo sokungethembi, kwakunjengokungathi uthi: ‘Iqiniso? Kuyini kona lokho? Ayikho into eyiqiniso!’ U-Agata wabhala: “Umbuzo kaPilatu ungikhumbuza iziyalezo eziphathelene nale ndaba.”
Wabe esedingida umbono okhona wokuthi iqiniso liya ngomuntu—umbono othi lokho okuyiqiniso komunye kungase kungabi yilo komunye nokuthi bobabili kungenzeka “baneqiniso.” Wabuza imibuzo enjengalo, “Ubani kithi ongalokotha agibele indiza uma besingacabangi ukuthi imithetho yezinto ezihamba emoyeni iyiqiniso elimsulwa?” Wabe esebhekisela eBhayibhelini, wathi: “Ukuthembela eZwini likaNkulunkulu kusekelwe ngokuqinile emaqinisweni angase aqinisekiswe.” Wabe esethi uyethemba ukuthi labo abalifuna ngobuqotho iqiniso elimsulwa bayoba nesineke sokulifuna baze balithole.
U-Agata waklonyeliswa nge-diploma ekhethekile futhi wathola nethuba lokufunda indaba yakhe phambi kwalo lonke ikilasi. Izingane eziningana afunda nazo zavuma ukufunda naye iBhayibheli. U-Agata uyajabula ngokuthi wasebenzisa leli thuba ukuze atshele abanye abaningi ngezinkolelo zakhe. Yebo, ukuhlale ukulungele ukubamba ithuba lokukhuluma ngokholo lwakho kungathela izithelo. Wena imaphi amathuba ongawasebenzisa?