Inselele Yokuthobeka
KUBANTU abaningi, kungase kubonakale sengathi ukuthobeka akuzuzisi kuleli zwe lanamuhla. Abantu abaqashelwayo nababonakala bephumelela kakhulu yilabo abenza noma yini ukuze bazifukule, abaqhoshayo, abafuna ukuba kwenziwe ngendlela yabo. Ngokuvamile abantu bafisa ukuphila kwabantu abacebile nabangosaziwayo, hhayi okwabantu abathobekile nabamnene. Abantu abaphumelelayo ngokuvamile bayathanda ukuqhosha ngokuthi bakusebenzele kanzima. Kunokuba bazithobe, bazishaya isifuba ngempumelelo yabo.
Umcwaningi waseCanada wakhuluma “ngokuvela kwesimo sengqondo ‘sobumina’” ezweni lakubo. Abanye banomuzwa wokuthi siphila emphakathini obheka ukuzitika njengokubaluleke ngaphezu kokulinganisela futhi baphawula ukuthi namuhla abantu baya bezikhathalela bona kuphela. Ezweni elinjalo, ukuthobeka kungase kubonakale kungafiseleki kangako.
Yiqiniso, bambalwa abangaphika ukuthi ukuthobeka kuhle kwabanye, ngoba kulula ukusebenzelana nabantu abathobekile. Nokho, kuleli zwe eligcwele ukuncintisana, abanye besaba ukuthi uma bengaba abathobekile, abanye bangase bababheke njengababuthaka.
IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, labikezela ukuthi esikhathini sethu abantu babeyoba “abazazisayo, abazidlayo.” (2 Thimothewu 3:1, 2) Awuvumi yini ukuthi lesi siprofetho siyagcwaliseka? Ikhona yini inzuzo yokuba othobekile? Noma, ucabanga ukuthi umuntu othobekile angase abhekwe njengobuthaka, okulula ukudlala ngaye?
Iqiniso liwukuthi iBhayibheli linezizathu ezinhle ezenza sikwazise ukuthobeka futhi sikuhlakulele. Linikeza umbono onokulinganisela nomuhle ngale mfanelo futhi libonisa ukuthi ukuthobeka kweqiniso kuwuphawu lwamandla, hhayi ubuthaka. Isihloko esilandelayo sizochaza isizathu salokho.
[Isithombe ekhasini 3]
Kufanele sizizwe kanjani ngezinto esizifezile?