“Ngakuthanda Ukuzimisela Kwakhe Okungakholeki”
UGÜNTER GRASS, umlobi ongumJalimane futhi owazuza uMklomelo KaNobel Wezincwadi ngo-1999, wanyathelisa incwadi ekhuluma ngaye ngo-2006. Kuyo, uchaza inkathi lapho ebuthwa ukuba abe ilungu lebutho laseJalimane lokuvikela umphakathi. Kuyo le ncwadi, ukhuluma ngendoda eyamhlaba umxhwele kakhulu kangangokuthi akayikhohlwa nakuba sekudlule iminyaka engaphezu kwengu-60. Lowo kwakungumuntu owamelela ukholo lwakhe eyedwa lapho eshushiswa.
Lapho exoxa nabanyathelisi bephephandaba lansuku zonke i-Frankfurter Allgemeine Zeitung, uGrass wakhumbula lo muntu omangalisayo, owenqaba ukuya empini. UGrass wathi le ndoda “ayizange ivume ukuzihlanganisa nanoma yimiphi imibono yamaqembu ayekhona, ingeyena umNazi, iKhomanisi noma umSocialist. Yayingomunye woFakazi BakaJehova.” UGrass akalikhumbuli igama lalo Fakazi, ametha ngelokuthi Asizenzi lezo zinto. Abacwaninga ngoFakazi BakaJehova bathi le ndoda inguJoachim Alfermann. Washaywa ngokuphindaphindiwe futhi wathunazwa, wabe esegqunywa yedwa esitokisini. Kodwa u-Alfermann wahlala egxilile futhi wenqaba ukuya empini.
UGrass wathi: “Ngakuthanda ukuzimisela kwakhe okungakholeki. Ngazibuza: Ukubekezelela kanjani konke lokhu? Ukwenza kanjani?” Ngemva kokukhuthazelela imizamo yesikhathi eside yokwephula ubuqotho bakhe kuNkulunkulu, u-Alfermann wagcina ethunyelwe ekamu lokuhlushwa eStutthof ngo-February 1944. Wakhululwa ngo-April 1945, wasinda empini futhi wahlala enguFakazi kaJehova othembekile kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1998.
U-Alfermann wayengomunye woFakazi abangaba ngu-13 400—eJalimane nasemazweni ayengaphansi kobuNazi—abaphathwa kabuhlungu ngenxa yokholo lwabo. Balalela isiqondiso seBhayibheli, ukuhlala bengathathi hlangothi kwezombusazwe nokwenqaba ukuya empini. (Mathewu 26:52; Johane 18:36) OFakazi abangaba ngu-4 200 bayiswa emakamu okuhlushwa futhi abangu-1 490 bafa. Ngisho nanamuhla, ukuma kwabo kubahlaba umxhwele abaningi abangebona oFakazi BakaJehova kodwa abakuncomayo ukuhlala kwabo begxilile.
[Isithombe ekhasini 32]
UJoachim Alfermann