“Liyini Iqiniso?”
UMBUSI ongumRoma, uPontiyu Pilatu, wabuza uJesu lowo mbuzo engakholelwa ukuthi ikhona into eyiqiniso. Wayengenasithakazelo sokwazi impendulo, noJesu akamphendulanga. Mhlawumbe uPilatu wayebheka iqiniso njengento okunzima ukuyiqonda.—Johane 18:38.
Namuhla abantu abaningi abahlanganisa abaholi benkolo, othisha nabezombusazwe, banesimo sengqondo sokungakholelwa ukuthi iqiniso likhona. Bakholelwa ukuthi alikho iqiniso elimsulwa—ikakhulu endabeni yokuziphatha nenkolo—kodwa liyindaba yokuzinqumela futhi lihlale lishintsha. Empeleni, lokhu kusikisela ukuthi abantu bangazinqumela okulungile nokungalungile. (Isaya 5:20, 21) Kubuye kuvumele abantu ukuba benqabe izimiso zokuziphatha ezazisetshenziswa izizukulwane ezedlule bathi seziphelelwe isikhathi.
Kuhle ukuphawula amazwi enza uPilatu ukuba abuze lo mbuzo. UJesu wayethe: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) KuJesu, iqiniso lalingeyona into engacacile nengaqondakali. Wathembisa abafundi bakhe: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.”—Johane 8:32.
Lingatholakalaphi lelo qiniso? Ngesinye isikhathi lapho uJesu ethandaza kuNkulunkulu wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) IBhayibheli, elaphefumulelwa uNkulunkulu, lembula iqiniso elinikeza isiqondiso esingasethemba nethemba eliqinisekile ngekusasa—ukuphila okuphakade.—2 Thimothewu 3:15-17.
Ngokunganaki uPilatu wenqaba ithuba lokufunda lelo qiniso. Kuthiwani ngawe? Kungani ungaceli oFakazi BakaJehova ukuba bakwazise okuqukethwe “iqiniso” elafundiswa uJesu? Bayokujabulela ukukwazisa lona.