Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 9/15 k. 32
  • ‘Ukuchuma Nasebumpungeni’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukuchuma Nasebumpungeni’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 9/15 k. 32

‘Ukuchuma Nasebumpungeni’

ABANTU abaningi emazweni aseMediterranean batshala amasundu emagcekeni abo. Le mithi idume ngobuhle bayo nangezithelo zayo ezimnandi. Ngaphezu kwalokho, iqhubeka ithela iminyaka engaphezu kwekhulu.

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni, yachaza sankondlo ukubukeka kwentombazane enhle yomShulamiti njengokomuthi wesundu. (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 7:7) Incwadi ethi Plants of the Bible ithi: “Igama lesiHebheru lomuthi wesundu lithi ‘tàmâr.’ . . . KumaJuda waba uphawu lobuhle nokubukeka futhi abesifazane abaningi babeqanjwa ngawo.” Ngokwesibonelo, udadewabo kaSolomoni ngamzali munye owayemuhle wayebizwa ngokuthi uThamari. (2 Samuweli 13:1) Abanye abazali basawaqamba kanjalo amadodakazi abo.

Akubona abesifazane abahle bodwa abafaniswa nomuthi wesundu. Umhubi wahlabelela: “Olungileyo uyoqhakaza njengomuthi wesundu; uyokhula njengomsedari eLebhanoni. Labo abatshalwé endlini kaJehova, emagcekeni kaNkulunkulu wethu, bayoqhakaza. Basayoqhubeka bechuma nasebumpungeni, bayohlala bekhuluphele bencwaba.”—IHubo 92:12-14.

Ngokomfanekiso, labo abakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka lapho sebekhulile bafana kakhulu nomuthi wesundu omuhle. “Ubumpunga bungumqhele wobuhle lapho butholakala endleleni yokulunga,” kusho iBhayibheli. (IzAga 16:31) Nakuba amandla abo engase anciphe njengoba iminyaka ihamba, asebekhulile bangabulondoloza ubungqabavu babo obungokomoya ngokuqiniswa ukulitadisha njalo iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHubo 1:1-3; Jeremiya 17:7, 8) Ngenxa yamazwi abo amnandi nesibonelo sabo esihle, asebekhulile abathembekile bawumthombo omkhulu wesikhuthazo kwabanye futhi bayaqhubeka bethela izithelo unyaka nonyaka. (Thithu 2:2-5; Hebheru 13:15, 16) Njengomuthi wesundu, asebekhulile bangachuma nalapho sebekhulile.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela