Imibuzo Evela Kubafundi
Wayesho ukuthini uJesu lapho ethi inceku yakhe ethembekileyo yayiyoba “eqondayo”?
UJesu wabuza umbuzo: “Ngubani ngempela oyinceku ethembekileyo neqondayo emiswe inkosi yayo phezu kwabendlu yayo, ukuze ibanike ukudla kwabo ngesikhathi esifanele?” (Mathewu 24:45) “Inceku” enikeza “ukudla” okungokomoya iyibandla lamaKristu agcotshwe ngomoya. Kungani uJesu athi ayaqonda?a
Indlela engcono kakhulu yokuqonda lokho okungenzeka uJesu wayekuqondile ngegama elithi “eqondayo” iwukubheka lokho yena ngokwakhe akufundisa. Ngokwesibonelo, ngesikhathi ekhuluma ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ uJesu walandisa umzekeliso wezintombi eziyishumi ezazilindele ukufika komyeni. Lezi zintombi zisikhumbuza amaKristu agcotshiwe ngaphambi kuka-1914 ayekubheke ngabomvu ukufika koMyeni omkhulu, uJesu Kristu. Ezinhlanu kweziyishumi zazingenawo amafutha anele lapho kufika umyeni, futhi zaphuthelwa idili lomshado. Ezinye ezinhlanu zazibonisa zinokuqonda. Zazizihlinzeke ngamafutha anele ukuze ziqhubeke zikhanyisile lapho umyeni efika futhi zavunyelwa ukungena edilini.—Mathewu 25:10-12.
Lapho uJesu efika eMbusweni wakhe ngo-1914, abaningi phakathi kwamaKristu agcotshiwe babelindele ukuba naye ezulwini ngokushesha. Nokho, kwakusenomsebenzi omningi okwakufanele bawenze emhlabeni, futhi abanye babengawulungele. Njengezintombi ezingenakho ukuqonda, babengaziqinisanga kusengaphambili ngokomoya, ngakho babengakulungele ukuqhubeka bengabaphathi bokukhanya. Nokho, iningi lalenze ngokuqonda—ngokuhlakanipha nangokucabangela izinto kusengaphambili—futhi laqiniswa ngokomoya. Lapho libona ukuthi lalisahlalelwe umsebenzi owengeziwe, ngenjabulo laqala ukuwenza. Ngakho, lazibonisa ‘liyinceku ethembekileyo neqondayo.’
Cabanga enye indlela uJesu alisebenzisa ngayo igama elithi ‘ukuhlakanipha [ukuqonda]’ kuMathewu 7:24. UJesu wathi: “Wonke umuntu owezwayo la mazwi ami awenze uyofaniswa nendoda ehlakaniphile, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.” Indoda eqondayo yakha indlu eqinile icabangela iziphepho. Ngokuphambene, indoda eyisiwula yakha esihlabathini futhi indlu yayo iyabhidlika. Ngakho, umlandeli kaJesu oqondayo yilowo oyibona kusengaphambili imiphumela emibi yokulalela ukuhlakanipha kwabantu. Ukuqonda nokwahlulela kwakhe okuhle kumenza asekele ukholo, izenzo nezimfundiso zakhe ngokuqinile kulokho okwafundiswa uJesu. “Inceku ethembekileyo neqondayo” yenza okufanayo.
Phawula futhi indlela elisetshenziswa ngayo igama elihunyushwa ngokuthi “ukuqonda” ezinguqulweni eziningi zemiBhalo YesiHebheru. Ngokwesibonelo, uFaro wamisa uJosefa ukuba abe umphathi wokudla eGibhithe. Lokhu kwakuyingxenye yelungiselelo likaJehova lokunikeza abantu bakhe ukudla. Kungani kwakhethwa uJosefa? UFaro wathi kuye: “Akekho umuntu onokuqonda futhi ohlakaniphe njengawe.” (Genesise 41:33-39; 45:5) Ngokufanayo, kungathiwa u-Abhigayili wenza ngokuqonda. Wanikeza uDavide, ogcotshiweyo kaJehova, namadoda ayehamba nawo ukudla. (1 Samuweli 25:3, 11, 18) Kungashiwo ukuthi uJosefa no-Abhigayili babenokuqonda ngoba bayiqonda intando kaNkulunkulu, bacabangela izinto kusengaphambili futhi bahlulela kahle.
Ngakho, lapho uJesu echaza inceku ethembekileyo njengeqondayo, wayebonisa ukuthi labo abamelelwa yileyo nceku babeyobonisa ukuqonda, bacabangele izinto kusengaphambili futhi bahlulele kahle ngoba basekela ukholo, izenzo nezimfundiso zabo eZwini likaNkulunkulu eliyiqiniso.
[Umbhalo waphansi]
a Igama elithi “eqondayo” lihumusha elesiGreki elithi phroʹni·mos. Incwadi ethi Word Studies in the New Testament, kaM. R. Vincent ithi ngokuvamile leli gama libhekisela ekuhlakanipheni okusebenzayo nasekukhalipheni.