Ukubhala—Ukubaluleka Kwakho Kwa-Israyeli Wasendulo
WAKE wazifunda yini izingxenye ezithile ze-IIiad noma ze-Odyssey, izinkondlo ezimbili zobuciko obukhulu zaseGrisi lasendulo? Kucatshangwa ukuthi zalotshwa phakathi nekhulu lesi-9 noma lesi-8 B.C.E. Zinjani uma ziqhathaniswa neBhayibheli elaqala ukulotshwa emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili? Umqulu othi The Jewish Bible and the Christian Bible uyaphawula: “IBhayibheli likhuluma izikhathi ezingengaphansi kuka-429 ngokuloba nangezincwadi ezilotshiwe. Kuyaphawuleka lokhu uma ukhumbula ukuthi i-Iliad ikhuluma kanye kuphela ngokuloba kanti i-Odyssey yona ayikuphathi nhlobo.”
I-Oxford Encyclopedia of Archaeology in the Near East ithi “kubonakala sengathi kwa-Israyeli wasendulo ukubhala kwakuyisici esimqoka senkolo.” Ngokwesibonelo, isivumelwano soMthetho sabhalwa futhi kamuva sasifundwa njalo eningini phambi kwawo wonke amadoda, abesifazane nabantwana. Abantu babesifunda futhi besitadisha njengamaqembu noma bebodwa. Ngemva kokucabangela izici ezithile zoMthetho, u-Alan Millard, ongumfundisi omkhulu e-University of Liverpool, uyaphetha: “Kusobala ukuthi ukufunda nokubhala kwakubhekwa njengokunethonya ekuphileni kwabantu abaningi.”— Duteronomi 31:9-13; Joshuwa 1:8; Nehemiya 8:13-15; IHubo 1:2.
Umphostoli uPawulu uchaza indlela amaKristu okufanele ayibheke ngayo le miBhalo engcwele: “Zonke izinto ezalotshwa esikhathini esingaphambili zalotshelwa ukuba kufundiswe thina, ukuze kuthi ngokukhuthazela kwethu nangenduduzo evela emiBhalweni sibe nethemba.” Uyabonisa yini wena ukuthi uyalazisa iBhayibheli ngokulifunda njalo?—Roma 15:4.