Ukholo Lukamama Ludambisa Usizi
“Njengoba nifunda le ncwadi, kusho ukuthi angisekho, ukuhlinzwa kwami akuhambanga kahle.”
LAWA ngamazwi asekuqaleni encwadi eyabhalwa uCarmen, umama ongumKristu, eyibhalela amadodakazi akhe amathathu. Endala yayineminyaka engu-25, ephakathi inengu-19 kanti uthunjana enengu-16. Ngempela, ukuhlinzwa kwakhe akuzange kuhambe kahle futhi kuyadabukisa ukuthi uCarmen washona.
Kubuhlungu ngendlela engenakuchazeka ukushiya amadodakazi akho amathathu esosizini olungaka. Nokho, kusobala ukuthi ukholo oluqinile lo mama ayenalo kuJehova nasezithembisweni zakhe lwaludambisa lolu sizi, lwamenza waba nokuthula kwangaphakathi okubonakala ngokucacile kule ncwadi yakhe ethinta inhliziyo. Ake uzwe ukuthi wathini emadodakazini akhe.
“Okokuqala nje, ngifuna ukunitshela ukuthi nginithanda ngenhliziyo yami yonke. . . . Noma imuphi umama angakujabulela ukuba namadodakazi afana nani, futhi ngiziqhenya ngempela ngani.
“Bengingathanda ukuqhubeka nginani kuze kufike izwe elisha elithenjiswe uNkulunkulu . . . , kodwa njengoba kungeke kusenzeka, ngiye ngacela uNkulunkulu ukuba anisize niqhubeke nithembekile njengoba benilokhu nithembekile. Buningi ubunzima esiye sabukhuthazelela ndawonye, futhi uJehova akakaze asishiye. . . . Ngakho qhubekani nithembela esiqondisweni asinikeza ngenhlangano yakhe futhi niqhubeke nisekela ibandla nabadala. Nishumayele kaningi ngangokunokwenzeka futhi nithande bonke abazalwane.
“Sizohlukana isikhashana nje. . . . Ngicela ningixolele wonke amaphutha engiye ngawenza, ningixolele nangokuthi ngezinye izikhathi benginganiqondi futhi nginganitsheli ukuthi nginithanda kangakanani. . . . Ngiyazi ukuthi ngamunye wenu unezidingo zakhe. UJehova uzazi ukudlula nina, futhi uzoninika konke enikudingayo, abuye anivuze kukho konke eniye nakukhuthazelela.
“Ningalokothi nikhohlwe umgomo wenu—ukuphila ezweni elisha—futhi niqhubeke nilwela ukuwuthola. Kwangathi uJehova anganibusisa futhi aniqinise ukuze nikwazi ukuhlala nithembekile kuze kube sekugcineni. . . . Ningadabuki madodakazi ami amahle. Ngiyanithanda!”
Usizi lungafikela noma ubani noma nini. Inkosi yasendulo uSolomoni yabhala: “Isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.” (UmShumayeli 9:11) Nokho, abanokholo oluqinile kuNkulunkulu bangaqiniseka njengomphostoli uPawulu owathi: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila . . . nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.”—Roma 8:38, 39; Hebheru 6:10.