Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 7/1 k. 32
  • Izifundo Ezibalulekile Ezingafundwa Izingane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izifundo Ezibalulekile Ezingafundwa Izingane
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 7/1 k. 32

Izifundo Ezibalulekile Ezingafundwa Izingane

UGLADYS usebenza esikoleni esithile eMendoza, e-Argentina. Ngolunye usuku edlula ekilasini elithile wabona uthisha wekilasi efundela abafundi bakhe bebanga lesibili INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.a UGladys wazisa lo thisha ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova futhi wacela ukumbonisa indlela yokuyisebenzisa ngokunenzuzo. Ehlatshwe umxhwele yilokho akuchazelwa uGladys, lo thisha wafuna ukuba le ncwadi ibe ingxenye yezifundo zasesikoleni. Nokho, kwakudingeka athole imvume yabaphathi besikole. Wajabula lapho bemnikeza imvume.

Kamuva, ngosuku olumiselwe ukukhuthaza ukufunda izincwadi, uthisha wabela abafundi bakhe ukuba bafunde isahluko esithile sale ncwadi phambi kwezingane zesikole. Ngenxa yokuthi lesi simiso sathandwa kakhulu, lo thisha wacelwa ukuba abe isimenywa kolunye uhlelo lwethelevishini. Lapho kuxoxwa ngokuziphatha kwezingane zesikole, ophethe uhlelo wabuza lo thisha, “Wenza kanjani ukuba izingane zekilasi lakho ziziphathe kahle?” Lo thisha wachaza ukuthi usebenzisa incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Wachaza ukuthi nakuba engeyena uthisha wezenkolo, le ncwadi imsize ukuba agxilise izimfanelo ezinhle ezinganeni njengokuba nenhlonipho, ukubekezelelana, ubunye, ukubambisana, ukulalela nothando. Bonke bavuma ukuthi lezo zifundo zibaluleke kakhulu futhi kufanele izingane zizifunde.

Ungathanda yini ukuba izingane zakho zibe nalezi zimfanelo? Ungacela omunye woFakazi BakaJehova ukuba akutholele le ncwadi enhle kakhulu ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela