Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 6/1 k. 32
  • Amandla Olimi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amandla Olimi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 6/1 k. 32

Amandla Olimi

ULIMI lwendlulamithi lungamasentimitha angu-45 ubude. Luyashesha futhi lunamandla okunqampuna amacembe emagatsheni ezihlahla. Ulimi lomkhomo oluhlaza lunesisindo esilingana nesendlovu. Cabanga nje ukuthi kudingeka amandla angakanani ukuze lunyakaze!

Ngobukhulu nangesisindo, ulimi lomuntu lubonakala lungelutho. Noma kunjalo, aluve lunamandla. Likhuluma ngalesi sitho esincane somzimba, iBhayibheli lithi: “Ukufa nokuphila kusemandleni olimi.” (IzAga 18:21) Yebo, sekukangaki sizwa ngomonakalo owenziwa ulimi lapho lusetshenziswa ekuqambeni amanga nasekufakazeni amanga okuye kwalimaza abantu abangenacala, abanye kwaze kwababulala nokubabulala?

Nobungane beminyaka buye baphela ngenxa yamazwi abuhlungu. Imizwelo iye yalinyazwa amagama anokhahlo. UJobe, owalinyazwa kakhulu abangane bakhe, wathi: “Kuyoze kube nini nina madoda nicasula umphefumulo wami futhi nilokhu ningichoboza ngamazwi?” (Jobe 19:2) Umfundi uJakobe wanikeza isithombe esicacile sendlela ulimi olungalawulwa olungalimaza ngayo: “[Ulimi] luyilungu elincane kodwa nokho luzigabisa kakhulu. Bhekani! Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo! Ulimi-ke luwumlilo.”—Jakobe 3:5, 6.

Ngakolunye uhlangothi, ulimi lungaphilisa futhi. Amazwi abonisa uzwela naduduzayo aye ophula abanye ekucindezelekeni nasekuzibulaleni. Izigelekeqe nabantu ababesebenzisa kabi izidakamizwa baye basinda ekufeni kungakabi yisikhathi ngokulalela iseluleko esihle. Ngempela, ulimi lolungileyo ‘lungumuthi wokuphila,’ futhi “izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele linjengama-apula egolide ezitsheni zesiliva.”—IzAga 15:4; 25:11.

Nokho, indlela engcono kakhulu yokusebenzisa ulimi iwukudumisa uJehova uNkulunkulu, ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso wakhe nokufundisa abanye amaqiniso eBhayibheli ayigugu. Kungani kunjalo? UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3; Mathewu 24:14; 28:19, 20.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela